Read Jobe Chapter 30 Online
Read Jobe Chapter 30 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Jobe 30
Isahluko 30
1. “Kepha manje abancane ngeminyaka kunami bayangihleka, oyise babo engangibadelela ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.
2. Yebo, namandla ezandla zabo angangisiza kanjani, abantu abaphelile iziphika, na?
3. Bondile ngokuswela nangendlala; baququda ugwadule oluyize, olwaluyilohle nakuqala.
4. Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni; izimpande zezinwele zingukudla kwabo.
5. Bayaxoshwa phakathi kwabantu; bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.
6. Bahlala ezigodini ezesabekayo, nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.
7. Bayakhonya phakathi kwezihlahla; phansi kwezimbabazane bayabuthana,
8. bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama, beshaywa, bexoshwa ezweni.
9. “Manje sengihaywa yibo, yebo, sengiyisaga sabo.
10. Bayanengwa yimi, bemi kude nami; abayeki ukungikhafulela ngamathe.
11. Bakhululile imichilo yabo, bangithobisa; balahlile itomu phambi kwami.
12. Ngakwesokunene kuvuka amachwensa; agudlumeza izinyawo zami, anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.
13. Achitha umkhondo wami; asebenzela ukubhujiswa kwami engazibambi.
14. Angena kungathi ngesikhala esibanzi; phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.
15. Ingebhe ithululwa phezu kwami; njengomoya luyaxoshwa udumo lwami; inhlalakahle yami iyadlula njengefu.
16. “Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami; izinsuku zosizi zingibambile.
17. Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa, asuke kimi; ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.
18. Ngamandla amakhulu umzimba wami wonakele; unamathela kimi njengentamo yesambatho sami.
19. Ungiphonsile odakeni; sengifana nothuli nomlotha.
20. “Ngikhala kuwe, kepha awungiphenduli; ngimi lapha, uyangibuka nje.
21. Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya; ngamandla esandla sakho uyangizingela.
22. Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo, wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.
23. Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.
24. “Kepha umuntu angelule isandla sakhe encithakalweni, akhale uma esengozini, na?
25. Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na? Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na?
26. Lapho ngabheka okuhle, kwafika okubi; ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.
27. Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, aziphumuli; izinsuku zosizi zingehlele.
28. Ngihamba ngimnyama, kungenziwanga yilanga; ngisukuma ebandleni ngikhala.
29. Ngingumfowabo wamakhanka, nomngane wezintshe.
30. Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.
31. Ihabhu lami seliphenduke isililo, nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.
About Jobe Chapter 30
Read Jobe Chapter 30 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Jobe
Chapter: 30
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Jobe Chapter 30 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Jobe Chapter 30?
Jobe Chapter 30 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Jobe Chapter 30 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 3
Explore More from Jobe
- Jobe Chapter 9
- Jobe Chapter 31
- Jobe Chapter 27
- Jobe Chapter 22
- Jobe Chapter 24
- Jobe Chapter 16
- Jobe Chapter 10