Jobe Chapter 8

For English

Read Jobe Chapter 8 Online

Read Jobe Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Jobe 8

Isahluko 8

1. Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:

2. “Koze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na?

3. UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini? USomandla uphendukezela ukulunga na?

4. Uma abantwana bakho bonile kuye, yena wabanikela emandleni ezono zabo,

5. khona, uma wena ufunisisa uNkulunkulu, unxuse kuye uSomandla,

6. uma uhlambulukile, futhi ulungile, khona yena uyakuvuka ngenxa yakho, aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho.

7. Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane, nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu.

8. Ake ubuze ezizukulwaneni zakuqala, uzibhekise lokho abakuphenyileyo oyise bazo,

9. ngokuba thina singabezolo nje, asinalwazi, lokhu imihla yethu emhlabeni iyithunzi;

10. bona abayikukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo, na?

11. Umhlanga ungahluma lapho kungekho xhaphozi na? Incema ingamila kungekho manzi na?

12. Uma iseluhlaza, ingakakhiwa, iyabuna phambi kwabo bonke utshani.

13. “Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu: ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka;

14. ithemba lakhe liyakunqunywa, nesisekelo sakhe siyindlu yolwembu.

15. Uyakwencika endlini yakhe, kepha ayiyikuma; uyakubambelela kuyo, kepha ayiyikuqina.

16. Yena uluhlaza phambi kwelanga; imixhantela yakhe iyaxhantela ensimini yakhe.

17. Izimpande zakhe ziyathandela enqwabeni yamatshe, aqhekeze indawo yamatshe.

18. Uma echithwa endaweni yakhe, iyakumala ngokuthi: ‘Angizange ngikubone.’

19. Bheka, injalo indlela yokuthokoza kwakhe; kuyakuvela abanye othulini.

20. “UNkulunkulu akamlahli opheleleyo, kabambi isandla sababi,

21. aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka, nezindebe zakho ngokumemeza.

22. Abakuzondayo bayakwembeswa amahloni; itende lababi aliyobe lisabakho.”

About Jobe Chapter 8

Read Jobe Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Jobe
Chapter: 8
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Jobe Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Jobe Chapter 8?

Jobe Chapter 8 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Jobe Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 2
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 4

Explore More from Jobe

  1. Jobe Chapter 15
  2. Jobe Chapter 42
  3. Jobe Chapter 36
  4. Jobe Chapter 39
  5. Jobe Chapter 1
  6. Jobe Chapter 2
  7. Jobe Chapter 29

Related Chapters & Readings

  1. Nahume Chapter 3
  2. KumaHeberu Chapter 4
  3. Isaya Chapter 26
  4. AmaHubo Chapter 143
  5. AmaHubo Chapter 42
  6. 1 AmaKhosi Chapter 17
  7. Nehemiya Chapter 9
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *