Read Jobe Chapter 14 Online
Read Jobe Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Jobe 14
Isahluko 14
1. “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.
2. Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.
3. Konje uvulela onjalo amehlo akho, ungingenise ekwahluleweni nawe, na?
4. Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.
5. Uma imihla yakhe inqunyiwe, umumo wezinsuku zakhe ukuwe, ubekile umkhawulo wakhe, aze angadluli,
6. ungambheki, aphumule, ukuze athokoze ngosuku lwakhe njengomqashwa.
7. “Ngokuba kukhona ithemba emthini: uma unqunywa, ungabuye uhlume, nehlumela lawo aliyikuphela.
8. Noma impande yawo iguga emhlabathini, nesiphunzi sawo sifela othulini,
9. ngephunga lamanzi uyakuhluma, uveze izingatsha njengesithombo.
10. Kepha umuntu ofileyo uphelile; umuntu ogqabukileyo uphi na?
11. Njengamanzi anyamalele elwandle, nomfula oshileyo ome,
12. kanjalo umuntu ulala phansi, angabe esavuka; lize lingabikho izulu abayikuvuka, bangaphaphanyiswa ebuthongweni babo.
13. Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.
14. Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami.
15. Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho,
16. yebo, khona ubuyakubala izinyathelo zami, ungaqapheli isono sami.
17. Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, besewusibekela ukona kwami.
18. “Impela intaba iyawa, idilike; idwala liyasuswa endaweni yalo;
19. amanzi ayagubha amatshe; ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba; kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.
20. Uyamsukela kuze kube phakade, amuke; uyaguqula ubuso bakhe, ummukise.
21. Amadodana akhe ayadunyiswa, engazi yena; ayeyiswa, engakuqondi.
22. Inyama yakhe iyezwa ubuhlungu bayo kuphela; umphefumulo wakhe uzidabukela wona kuphela.”
About Jobe Chapter 14
Read Jobe Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Jobe
Chapter: 14
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Jobe Chapter 14 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Jobe Chapter 14?
Jobe Chapter 14 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Jobe Chapter 14 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 1
- Ruthe Chapter 4
Explore More from Jobe
- Jobe Chapter 30
- Jobe Chapter 35
- Jobe Chapter 3
- Jobe Chapter 23
- Jobe Chapter 10
- Jobe Chapter 40
- Jobe Chapter 22