Jobe Chapter 31

For English

Read Jobe Chapter 31 Online

Read Jobe Chapter 31 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jobe and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Jobe 31

Isahluko 31

1. “Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?

2. Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu phezulu, nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?

3. Akusikho ukubhubha kwabangalungile nengozi kwabenza okubi na?

4. Yena akaboni izindlela zami, abale izinyathelo zami zonke, na?

5. “Uma ngihambile ngamanga, nonyawo lwami luphuthume enkohlisweni,

6. mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo, ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.

7. Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, inhliziyo yami yalandela amehlo ami, uma kunamathela isisihla ezandleni zami,

8. mangihlwanyele, kudle omunye, yebo, zisishulwe izithelo zami.

9. “Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,

10. umkami makasilele omunye, kuguqe abanye phezu kwakhe.

11. Ngokuba lokho ngabe kuyicala, ngabe kungububi bokujeziswa.

12. Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni, kusishulwe yonke inzuzo yami.

13. “Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami noma okwencekukazi yami, lapho bephikisana nami,

14. ngiyakwenze njani, lapho uNkulunkulu evuka, nalapho engiphenya, ngingaphendula ngokuthini na?

15. Owangenza mina esiswini, wabenza nabo; owasibumba esizalweni munye.

16. “Uma nginqabele abampofu abakufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,

17. ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa, ingaludlanga nentandane

18. hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise; kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi

19. uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho, kungekho okokuzimboza kompofu;

20. uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga, uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;

21. uma ngiphakamisele intandane isandla sami, ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,

22. maliwe ihlombe lami esiphangeni, nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.

23. Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu; ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.

24. “Uma ngibeke igolide libe yithemba lami, ngathi egolideni elihle: ‘Ngithemba wena;’

25. uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu nangokuba isandla sami sithole okuningi;

26. uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,

27. kwayengwa inhliziyo yami esitha, nomlomo wanga isandla sami,

28. nalokho kwakungububi bokujeziswa, ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.

29. “Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo, ngaxhuma lapho eficwa ngokubi

30. kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lone ngokucela ukuphila kwakhe ngesifungo

31. uma abantu betende lami bengashongo ukuthi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ —

32. abafokazi kabalalanga phandle, ngavulela izihambi iminyango yami —

33. uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu ngokufihla ububi bami esifubeni sami,

34. ngokuba ngesaba isixuku esikhulu, ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, angaphuma emnyango —

35. sengathi angaba khona ongizwayo nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla — ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!

36. Ngangiyakuyithwala emahlombe ami, ngiyibophe ibe ngumqhele kimi,

37. ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami, ngisondele kuye njengesikhulu.

38. “Uma umhlaba wami ukhalile ngami, nemisele yawo ililile kanyekanye;

39. uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali, ngenza ukuba bafe abaniniwo,

40. makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni, kuvele ukhula endaweni yebhali.” Amazwi kaJobe asephelile.

About Jobe Chapter 31

Read Jobe Chapter 31 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jobe in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Jobe
Chapter: 31
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Jobe Chapter 31 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Jobe Chapter 31?

Jobe Chapter 31 is part of the Book of Jobe in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Jobe Chapter 31 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. Esteri Chapter 2
  2. Jobe Chapter 1
  3. Zakariya Chapter 2
  4. Zefaniya Chapter 2
  5. Jobe Chapter 2
  6. Ruthe Chapter 1
  7. Ruthe Chapter 4

Explore More from Jobe

  1. Jobe Chapter 8
  2. Jobe Chapter 27
  3. Jobe Chapter 25
  4. Jobe Chapter 10
  5. Jobe Chapter 15
  6. Jobe Chapter 9
  7. Jobe Chapter 33

Related Chapters & Readings

  1. Levitikusi Chapter 15
  2. Numeri Chapter 25
  3. 1 Petru Chapter 1
  4. Amose Chapter 5
  5. Luka Chapter 18
  6. 1 Johane Chapter 5
  7. Daniyeli Chapter 8
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *