Read Isaya Chapter 43 Online
Read Isaya Chapter 43 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Isaya 43
Isahluko 43
1. Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.
2. Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.
3. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho, iKushe neSheba esikhundleni sakho.
4. Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami, futhi ubudumile, uthandekile kimi, ngiyakunika abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
5. Ungesabi, ngokuba nginawe; ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga, ngikubuthe nasentshonalanga.
6. Ngiyakusho kuyo inyakatho, ngithi: ‘Balethe,’ nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami akude, namadodakazi ami ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,
7. onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.”
8. Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlo nezithulu ezinezindlebe.
9. Izizwe zonke mazibuthelwe ndawonye, abantu bonke babuthane; ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu, asizwise izinto zakuqala; mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe, bezwe, bathi: “Kuyiqiniso.”
10. “Ningofakazi bami,” usho uJehova, “nenceku yami engiyikhethileyo ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba khona.
11. Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.
12. Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile, kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu; yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova, “mina nginguNkulunkulu.
13. Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?”
14. Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBabele, ngiyakwehlisa bonke njengababaleki, namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.
15. NginguJehova oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.”
16. Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle, nomkhondo emanzini anamandla,
17. okhipha izinqola namahhashi, impi namandla; kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo.
18. “Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo.
19. Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.
20. Izilwane zasendle ziyakungidumisa, amakhanka nezintshe, ngokuba ngiveza amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,
21. laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.
22. “Kepha awungibizanga, Jakobe, ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.
23. Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa, awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angikukhonzisanga ngeminikelo, angikudinisanga ngenhlaka.
24. Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali, awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho, kepha ungisebenzisile ngezono zakho, ungidinisile ngobubi bakho.
25. “Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.
26. Ngikhumbuze, masahlulelane; yisho wena ukuba ulungisiwe.
27. Uyihlo wokuqala wona, abahumushi bakho bangihlubukile.
28. Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele, ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.
About Isaya Chapter 43
Read Isaya Chapter 43 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Isaya
Chapter: 43
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Isaya Chapter 43 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Isaya Chapter 43?
Isaya Chapter 43 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Isaya Chapter 43 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Isaya
- Isaya Chapter 27
- Isaya Chapter 13
- Isaya Chapter 14
- Isaya Chapter 34
- Isaya Chapter 28
- Isaya Chapter 26
- Isaya Chapter 16
Explore More from ITestamente Elidala
- IzAga Chapter 4
- 2 IziKronike Chapter 15
- Genesise Chapter 2
- AmaHubo Chapter 141
- 2 IziKronike Chapter 4
- AmaHubo Chapter 20
- 2 AmaKhosi Chapter 10