Esteri Chapter 2

For English

Read Esteri Chapter 2 Online

Read Esteri Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Esteri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Esteri and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Esteri 2

Isahluko 2

1. Emva kwalokho lapho ulaka lwenkosi u-Ahashiveroshi selubohlile, yamkhumbula uVashiti nalokho akwenzileyo, nalokho okumenyezelwe ngaye.

2. Zase zithi izinceku zenkosi ezaziyikhonza: “Inkosi mayifunelwe izintombi ezibukekayo,

3. inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.

4. Intombi enhle emehlweni enkosi mayibe yinkosikazi esikhundleni sikaVashiti.” Yaba nhle leyo nto emehlweni enkosi, yenze njalo.

5. Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,

6. owayethunjiwe eJerusalema kanye nabathunjwa ababethunjwe noJekoniya, inkosi yakwaJuda, owathunjwa nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele.

7. Wayelokhu emondla uHadasa ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi, ngokuba wayengenayise, engenanina; intombi yayiyinhle, yayibukeka; sebefile uyise nonina, uMoridekayi wayithatha yaba yindodakazi yakhe.

8. Kwathi lapho izwi lenkosi nesimemezelo sayo sekuzwakele, nalapho izintombi eziningi zibuthene eShushani endlini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, u-Esteri wangeniswa endlini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, umgcini wabesifazane.

9. Intombi yayiyinhle emehlweni akhe, yafumana umusa kuye; washesha wayinika izinto zokuqhola, nezabelo zayo, nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi, wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane.

10. Kepha u-Esteri wayengakhulumanga ngabantu bakubo nangezihlobo zakhe, ngokuba uMoridekayi wayeyiyalile ukuba ingakusho.

11. UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.

12. Lapho kufika isikhathi sezintombi ngezintombi sokuba zingene enkosini u-Ahashiveroshi emva kokuba kwenziwe kuzo njengomthetho wabesifazane izinyanga eziyishumi nambili ngokuba zagcwaliswa kanjalo izinsuku zokuqholwa kwazo, izinyanga eziyisithupha ngamafutha emure nezinyanga eziyisithupha ngamakha nangezinto zokuqhola abesifazane

13. intombi yangena ngaleyo ndlela enkosini, nakho konke eyakushoyo yakunikwa ukuba iphume nakho endlini yabesifazane, iye endlini yenkosi.

14. Yangena khona kusihlwa; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi, induna yenkosi, umgcini wezancinza, ingaphindi ingene enkosini, uma inkosi ingathokozanga ngayo, ibizwe ngegama.

15. Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.

16. U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.

17. Inkosi yamthanda u-Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi, wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.

18. Inkosi yayisizenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu, idili lika-Esteri, wanika izifunda ukuphumula, waphana ngezipho njengokupha kwenkosi.

19. Lapho izintombi sezibuthwa ngokwesibili, uMoridekayi wahlala esangweni lenkosi.

20. U-Esteri wayengakalandi lutho ngezihlobo zakhe nangabantu bakhe, njengalokho uMoridekayi amyala ngakho, ngokuba u-Esteri wenza okushiwo nguMoridekayi njengalapho esondliwa nguye.

21. Ngalezo zinsuku uMoridekayi esahlezi esangweni lenkosi, izinduna ezimbili zenkosi oBigithani noThereshi kubalindisango zazithukuthele, zafuna ukubeka izandla enkosini u-Ahashiveroshi.

22. Leyo ndaba yaziwa nguMoridekayi, wayitshela u-Esteri inkosikazi; u-Esteri wayisho enkosini egameni likaMoridekayi.

23. Lapho indaba iphenywa, kufunyanwa ukuthi injalo, zaphanyekwa zombili emthini; kwalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla phambi kwenkosi.

About Esteri Chapter 2

Read Esteri Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Esteri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Esteri
Chapter: 2
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Esteri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Esteri Chapter 2 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Esteri Chapter 2?

Esteri Chapter 2 is part of the Book of Esteri in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Esteri Chapter 2 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from esteri

  1. Esteri Chapter 10
  2. Esteri Chapter 1
  3. Esteri Chapter 6
  4. Esteri Chapter 9
  5. Esteri Chapter 4
  6. Esteri Chapter 3
  7. Esteri Chapter 8

Explore More from ITestamente Elidala

  1. UmShumayeli Chapter 8
  2. Joshuwa Chapter 1
  3. Zakariya Chapter 11
  4. Joweli Chapter 1
  5. Eksodusi Chapter 35
  6. Joshuwa Chapter 14
  7. Levitikusi Chapter 6

Related Chapters & Readings

  1. Malaki Chapter 3
  2. Levitikusi Chapter 27
  3. Mathewu Chapter 14
  4. IsiHlabelelo SeziHlabelelo Chapter 4
  5. Isaya Chapter 52
  6. Ruthe Chapter 2
  7. Isaya Chapter 7
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *