Duteronomi Chapter 17

For English

Read Duteronomi Chapter 17 Online

Read Duteronomi Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Duteronomi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Duteronomi and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Duteronomi 17

Isahluko 17

1. “Ungahlabeli uJehova uNkulunkulu wakho inkomo, noma imvu enesici, enokubi okuthile, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

2. Uma kutholakala phakathi kwakho, ngaphakathi kwelithile lamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona, owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho ngokweqa isivumelwano sakhe,

3. wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,

4. besewubikelwa khona, ukuzwe, wokubuzisisa; bheka, uma kuqinisile, leyo nto iqinisekile yokuthi isinengiso esinjalo senziwe kwa-Israyeli,

5. uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho, lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe.

6. Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa.

7. Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

8. “Uma kuvela indaba ekwahlulayo, ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi, naphakathi kwecala necala, naphakathi kokushaya nokushaya, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,

9. uye kubapristi bamaLevi, nakumahluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakutshele isinqumo sokwahlulela,

10. wenze njengezwi lesinqumo abayakukwazisa lona kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova, uqaphele ukwenza njengakho konke abakufundisa khona;

11. njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona nanjengesahlulelo abayakukutshela sona uyakwenza, ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwahluleleni kwabo.

12. Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu makafe, wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.

13. Bonke abantu bayakuzwa, besabe, bangabe besenza ngokuziqhenya.

14. “Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,’

15. uyakumbeka nokumbeka abe yinkosi phezu kwakho yena uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyakubeka omunye wabafowenu inkosi phezu kwakho, ungabeki phezu kwakho owezizwe, ongesiye umfowenu.

16. Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’

17. Akayikuzandisela abafazi, ukuze inhliziyo yakhe ihlubuke, angazandiseli isiliva negolide.

18. “Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi;

19. iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze,

20. inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.

About Duteronomi Chapter 17

Read Duteronomi Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Duteronomi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Duteronomi
Chapter: 17
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Duteronomi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Duteronomi Chapter 17 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Duteronomi Chapter 17?

Duteronomi Chapter 17 is part of the Book of Duteronomi in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Duteronomi Chapter 17 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Duteronomi

  1. Duteronomi Chapter 11
  2. Duteronomi Chapter 34
  3. Duteronomi Chapter 24
  4. Duteronomi Chapter 27
  5. Duteronomi Chapter 3
  6. Duteronomi Chapter 2
  7. Duteronomi Chapter 1

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Numeri Chapter 16
  2. Jeremiya Chapter 6
  3. Zakariya Chapter 13
  4. Zakariya Chapter 9
  5. 1 IziKronike Chapter 26
  6. 2 IziKronike Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 49

Related Chapters & Readings

  1. Kolose Chapter 2
  2. Jeremiya Chapter 25
  3. 2 Samuweli Chapter 19
  4. Johane Chapter 18
  5. AmaHubo Chapter 65
  6. Hezekeli Chapter 36
  7. KumaHeberu Chapter 9
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *