Read Luka Chapter 18 Online
Read Luka Chapter 18 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Luka in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Luka and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Luka 18
Isahluko 18
1. Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.
2. Wathi: “Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu.
3. Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye, ethi: ‘Ngizwele esitheni sami.’
4. “Kwaba yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu,
5. nokho-ke ngokuba lo mfelokazi engikhathaza njalo, ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo.’ ”
6. Yayisithi iNkosi: “Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile.
7. UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?
8. Ngithi kini: Uzakubezwela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?”
9. Wayesekhuluma kwabathile ababezethemba ukuthi balungile, bedelela abanye, ebalandisa lo mfanekiso ngokuthi:
10. “Abantu ababili benyukela ethempelini beya kukhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi.
11. UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.
12. Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.’
13. “Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’
14. “Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”
15. Baletha kuye nabantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi bekubona babakhuza.
16. Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
17. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”
18. Umbusi othile wayesembuza ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
19. Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
20. Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ”
21. Kepha wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”
22. UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
23. Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu.
24. UJesu embona wathi: “Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.
25. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
26. Abezwayo base bethi: “Pho, kungasindiswa bani na?”
27. Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”
28. Wayesethi uPetru: “Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela.”
29. Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu,
30. ongayikwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”
31. Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka.
32. Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe,
33. bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.”
34. Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo.
35. Kwathi esesondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba.
36. Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: “Kuyini lokhu?”
37. Base beyitshela ukuthi: “Kudlula uJesu waseNazaretha.”
38. Yayisimemeza ithi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
39. Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
40. Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi:
41. “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Yathi: “Nkosi, ukuba ngibone.”
42. UJesu wathi kuyo: “Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.”
43. Yayisibona khona lapho, yamlandela imdumisa uNkulunkulu, nabantu bonke bekubona bamnika uNkulunkulu indumiso.
About Luka Chapter 18
Read Luka Chapter 18 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Luka in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Luka
Chapter: 18
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Luka. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Luka Chapter 18 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Luka Chapter 18?
Luka Chapter 18 is part of the Book of Luka in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Luka Chapter 18 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- Mathewu Chapter 1
- Mathewu Chapter 3
- Mathewu Chapter 17
- Mathewu Chapter 8
- Mathewu Chapter 4
- Mathewu Chapter 16
- Mathewu Chapter 12
Explore More from Luka
- Luka Chapter 18
- Luka Chapter 3
- Luka Chapter 22
- Luka Chapter 20
- Luka Chapter 6
- Luka Chapter 6
- Luka Chapter 11