Read 1 Johane Chapter 5 Online
Read 1 Johane Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Johane in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Johane and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 Johane 5
Isahluko 5
1. Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozeleyo uthanda naye ozelwe nguye.
2. Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu, nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe.
3. Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima,
4. ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.
5. Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
6. Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi, uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi; noMoya ungofakazayo, ngokuba uMoya uyiqiniso.
7. Ngokuba bathathu abafakazayo,
8. uMoya, namanzi, negazi; labo abathathu bavumelana entweni inye.
9. Uma samukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe.
10. Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe. Ongakholwa nguNkulunkulu umenze umqambimanga, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.
11. Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.
12. Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
13. Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.
14. Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.
15. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
16. Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.
17. Konke ukungalungi kuyisono; kukhona isono esingesiso esokufa.
18. Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.
19. Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi izwe lonke limi ebubini.
20. Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
21. Bantwanyana, zilindeni ezithombeni.
About 1 Johane Chapter 5
Read 1 Johane Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Johane in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 Johane
Chapter: 5
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Johane. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 Johane Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 Johane Chapter 5?
1 Johane Chapter 5 is part of the Book of 1 Johane in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 Johane Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1 Johane
Explore More from ITestamente Elisha
- Johane Chapter 5
- KumaHeberu Chapter 3
- Marku Chapter 9
- Johane Chapter 13
- 1 Korinte Chapter 8
- 1 Thesalonika Chapter 5
- Luka Chapter 9