Read 1 Samuweli Chapter 29 Online
Read 1 Samuweli Chapter 29 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Samuweli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Samuweli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 Samuweli 29
Isahluko 29
1. AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.
2. Amakhosi amaFilisti adlula ngamakhulu nangezinkulungwane; uDavide nabantu bakhe badlula emuva kanye no-Akhishi.
3. Zase zithi izikhulu zamaFilisti: “Ayini lawa maHeberu na?” U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti: “Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakwa-Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.”
4. Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: “Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe ommise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini, ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?”
5. Lona akasiye uDavide ababehlabelela ngaye, besina bethi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi na?”
6. U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Kuphila kukaJehova, wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami, ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla; nokho emehlweni amakhosi awumuhle.
7. Ngalokho buya, uhambe ngokuthula, ungenzi okubi emehlweni amakhosi amaFilisti.”
8. UDavide wathi ku-Akhishi: “Kepha ngenzeni na? Ufumeneni encekwini yakho, kusukela osukwini engaba phambi kwakho ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngingayi ukulwa nezitha zenkosi yami, inkosi, na?”
9. U-Akhishi waphendula, wathi kuDavide: “Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami njengengelosi kaNkulunkulu, nokho izikhulu zamaFilisti zishilo ukuthi: ‘Akayikukhuphuka, aye nathi empini.’
10. Ngalokho vuka ekuseni kusasa kanye nezinceku zenkosi yakho ezifike nawe; senivukile ekuseni kusasa, sekukhanya, hambani.”
11. UDavide wavuka ekuseni, yena nabantu bakhe, ukuba bahambe ekuseni, babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.
About 1 Samuweli Chapter 29
Read 1 Samuweli Chapter 29 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Samuweli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 Samuweli
Chapter: 29
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Samuweli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 Samuweli Chapter 29 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 Samuweli Chapter 29?
1 Samuweli Chapter 29 is part of the Book of 1 Samuweli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 Samuweli Chapter 29 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1-samuweli
- 1 Samuweli Chapter 12
- 1 Samuweli Chapter 18
- 1 Samuweli Chapter 30
- 1 Samuweli Chapter 15
- 1 Samuweli Chapter 9
- 1 Samuweli Chapter 24
- 1 Samuweli Chapter 13
Explore More from ITestamente Elidala
- Ezra Chapter 5
- Levitikusi Chapter 14
- 1 Samuweli Chapter 18
- UmShumayeli Chapter 2
- Hezekeli Chapter 21
- AmaHubo Chapter 125
- Eksodusi Chapter 30