2 IziKronike Chapter 13

For English

Read 2 IziKronike Chapter 13 Online

Read 2 IziKronike Chapter 13 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 IziKronike in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 IziKronike and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 IziKronike 13

Isahluko 13

1. Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu u-Abiya waba yinkosi kwaJuda.

2. Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina lalinguMikhaya indodakazi ka-Uriyeli waseGibeya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiya noJerobowamu.

3. U-Abiya waqala ukulwa enempi yamaqhawe anamandla, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, kepha uJerobowamu wahlela ukulwa naye enabantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili, bengamaqhawe anamandla.

4. U-Abiya wema entabeni yaseSemarayimi esezintabeni zakwa-Efrayimi, wathi: “Ngizweni wena Jerobowamu no-Israyeli wonke:

5. Bekunganifanele ukwazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide umbuso kwa-Israyeli kuze kube phakade, yena namadodana akhe, ngesivumelwano sikasawoti, na?

6. Nokho uJerobowamu indodana kaNebati, inceku kaSolomoni indodana kaDavide, wavuka, wahlubuka inkosi yakhe.

7. Kwabuthana kuye amayiyane, abantu ababi, aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.

8. “Manje nithi niyakumelana nobukhosi bukaJehova obusesandleni samadodana kaDavide, lokhu niyisixuku esikhulu, futhi kukhona amathole egolide enenzelwa wona nguJerobowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.

9. Anixoshanga yini abapristi bakaJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi, nazenzela abapristi ngendlela yabantu bezizwe; bonke abafika ukwahlukaniselwa, bephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, bangaba ngabapristi babangesibo onkulunkulu.

10. “Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo;

11. bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo, basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile.

12. Futhi bhekani, uNkulunkulu unathi, uyinhloko yethu, kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani; bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo, ngokuba aniyikuphumelela.”

13. Kepha uJerobowamu wayegwegwesisile abaqamekeli ukuba bafike emuva; babe phambi kukaJuda, abaqamekeli babe semva kwabo.

14. Lapho uJuda esephenduka, bheka, impi yayingaphambili nangasemva kwabo; bakhala kuJehova, abapristi bakhalisa amacilongo.

15. Base bekhamuluka abantu bakwaJuda, nalapho abantwana bakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya oJerobowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abiya noJuda.

16. Abantwana bakwa-Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda, uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.

17. U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.

18. Bathotshiswa-ke ngaleso sikhathi abantwana bakwa-Israyeli; kepha abantwana bakwaJuda bahlula, ngokuba babencika kuJehova uNkulunkulu wawoyise.

19. U-Abiya wamxosha uJerobowamu, wamaphuca imizi: iBethele nemizana yalo, neJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo.

20. Futhi uJerobowamu akabe esaba namandla emihleni ka-Abiya; uJehova wamshaya, wafa.

21. Kepha u-Abiya waba namandla, wazithathela abafazi abayishumi nane, wazala amadodana angamashumi amabili nambili namadodakazi ayishumi nesithupha.

22. Ezinye izindaba zika-Abiya, nezindlela zakhe, namazwi akhe, kulotshiwe esichasiselweni somprofethi u-Ido.

About 2 IziKronike Chapter 13

Read 2 IziKronike Chapter 13 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 IziKronike in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 IziKronike
Chapter: 13
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 IziKronike. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 IziKronike Chapter 13 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 IziKronike Chapter 13?

2 IziKronike Chapter 13 is part of the Book of 2 IziKronike in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 IziKronike Chapter 13 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2 Izikronike

  1. 2 IziKronike Chapter 7
  2. 2 IziKronike Chapter 5
  3. 2 IziKronike Chapter 32
  4. 2 IziKronike Chapter 20
  5. 2 IziKronike Chapter 19
  6. 2 IziKronike Chapter 34
  7. 2 IziKronike Chapter 17

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Genesise Chapter 27
  2. 2 AmaKhosi Chapter 21
  3. Jobe Chapter 26
  4. Joshuwa Chapter 21
  5. Levitikusi Chapter 24
  6. Jeremiya Chapter 36
  7. AmaHubo Chapter 22

Related Chapters & Readings

  1. Mathewu Chapter 15
  2. Johane Chapter 6
  3. Luka Chapter 20
  4. Levitikusi Chapter 20
  5. 1 Samuweli Chapter 10
  6. Zefaniya Chapter 1
  7. 1 Korinte Chapter 16
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *