Read 2 Korinte Chapter 10 Online
Read 2 Korinte Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Korinte and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
2 Korinte 10
Isahluko 10
1. Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona, kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,
2. ngiyacela ukuba, nxa ngikhona, kungasweleki ukuba ngibasukele ngesibindi engiqonde ukuba naso kwabanye abasho ngathi ukuthi sihamba ngokwenyama.
3. Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama,
4. ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,
5. nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu;
6. futhi silungele ukujezisa ukungalaleli konke, nxa sekuphelele ukulalela kwenu.
7. Bhekani lokhu okuphambi kobuso. Uma umuntu ezethemba yena ukuthi ungokaKristu, makabuye aqonde lokhu ngokwakhe ukuthi, njengokuba yena engokaKristu, sinjalo nathi.
8. Ngokuba noma ngingaze ngizibonge ngaphezulwana ngamandla ethu eyasipha wona iNkosi ukuba nakhiwe kungengukuba nibhidlizwe, angiyikujabhiswa,
9. ukuze ngingabi njengokungathi benginethusa nje ngezincwadi.
10. Ngokuba izincwadi-ke bathi zinzima, zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile.
11. Onjalo makaqonde lokhu ukuthi lokhu esiyikho ngamazwi ezincwadi nxa singekho, siyakuba yikho ngesenzo nxa sikhona.
12. Ngokuba asinasibindi sokuzilinganisa nokuzifanisa nabathile babo abazincomayo. Kodwa bona, nxa bezilinganisa ngezingqobo zabo, bezifanisa nezingqobo zabo, kaba namqondo.
13. Kepha thina asiyikuzibonga ngaphezu kokulinganisa, kodwa ngesilinganiso sendawo esiyisilinganiso asilinganisele sona uNkulunkulu, ukuze sifinyelele nakini.
14. Ngokuba asizeluli ngokweqisa ngokungathi asifinyeleli kini, ngokuba sifikile kwaze kwaba nakini ngevangeli likaKristu,
15. singazibongi ngemisebenzi yabanye ngaphezu kokulinganisa, kepha sinethemba lokuthi ngokukhula kokukholwa kwenu, siyakukhuliswa kakhulu impela kini endaweni yethu,
16. size sishumayele ivangeli nasezindaweni ezingaphambi kwakini, singazibongi ngezinto esezenziwe endaweni yomunye.
17. Kepha ozibongayo makazibonge eNkosini.
18. Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.
About 2 Korinte Chapter 10
Read 2 Korinte Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 2 Korinte
Chapter: 10
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 2 Korinte Chapter 10 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 2 Korinte Chapter 10?
2 Korinte Chapter 10 is part of the Book of 2 Korinte in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 2 Korinte Chapter 10 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 2-korinte
- 2 Korinte Chapter 12
- 2 Korinte Chapter 4
- 2 Korinte Chapter 3
- 2 Korinte Chapter 7
- 2 Korinte Chapter 11
- 2 Korinte Chapter 9
- 2 Korinte Chapter 6
Explore More from ITestamente Elisha
- Johane Chapter 11
- AmaRoma Chapter 12
- Marku Chapter 6
- Mathewu Chapter 6
- KumaHeberu Chapter 9
- AmaRoma Chapter 3
- Marku Chapter 9