EkaJakobe Chapter 1

For English

Read EkaJakobe Chapter 1 Online

Read EkaJakobe Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of EkaJakobe in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of EkaJakobe and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

EkaJakobe 1

Isahluko 1

1. UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo.

2. Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa,

3. nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.

4. Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho.

5. Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.

6. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

7. Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi,

8. umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.

9. Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe,

10. kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.

11. Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.

12. Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

13. Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.

14. Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa;

15. uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa.

16. Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo.

17. Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.

18. Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.

19. Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;

20. ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu.

21. Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

22. Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

23. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni;

24. ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani.

25. Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.

26. Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.

27. Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.

About EkaJakobe Chapter 1

Read EkaJakobe Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of EkaJakobe in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: EkaJakobe
Chapter: 1
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading EkaJakobe. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading EkaJakobe Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is EkaJakobe Chapter 1?

EkaJakobe Chapter 1 is part of the Book of EkaJakobe in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete EkaJakobe Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ekajakobe

  1. EkaJakobe Chapter 2
  2. EkaJakobe Chapter 3
  3. EkaJakobe Chapter 5
  4. EkaJakobe Chapter 4

Explore More from ITestamente Elisha

  1. IsAmbulo Chapter 1
  2. KuThithu Chapter 2
  3. Efesu Chapter 5
  4. KuFilemoni Chapter 1
  5. Marku Chapter 3
  6. Galathiya Chapter 3
  7. Marku Chapter 6

Related Chapters & Readings

  1. EkaJakobe Chapter 5
  2. UmShumayeli Chapter 1
  3. IzAga Chapter 19
  4. Hoseya Chapter 12
  5. 2 Korinte Chapter 4
  6. 2 IziKronike Chapter 18
  7. IsiHlabelelo SeziHlabelelo Chapter 5
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *