Read Jeremiya Chapter 19 Online
Read Jeremiya Chapter 19 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jeremiya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Jeremiya 19
Isahluko 19
1. Washo kanje uJehova, wathi: “Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi,
2. uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe,
3. uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.
4. Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala,
5. bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomlilo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali, engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,
6. ngalokho bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho le ndawo ayisayikubizwa ngokuthi iThofeti noma isigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala.
7. “ ‘Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema, ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo, nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.
8. Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo; bonke abadlula khona bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.
9. Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’
10. “Bese waphula uphiso phambi kwamadoda ahamba nawe,
11. uthi kuwo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngiyakubulala kanjalo laba bantu nalo muzi njengokwaphulwa kwesitsha sombumbi esingasezukubuye sihlanganiswe; bayakumbela eThofeti, ngokuba akuyikubakho ndawo yokumbela.
12. Ngiyakwenze njalo kule ndawo, usho uJehova, nakwabakhileyo kuyo, ngenze lo muzi ube njengeThofeti:
13. izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”
14. Wayesebuya uJeremiya eThofeti lapho uNkulunkulu ayemthume khona ukuba aprofethe; wema agcekeni lendlu kaJehova, wathi kubantu bonke:
15. “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.’ ”
About Jeremiya Chapter 19
Read Jeremiya Chapter 19 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Jeremiya
Chapter: 19
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jeremiya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Jeremiya Chapter 19 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Jeremiya Chapter 19?
Jeremiya Chapter 19 is part of the Book of Jeremiya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Jeremiya Chapter 19 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 51
- AmaHubo Chapter 4
Explore More from Jeremiya
- Jeremiya Chapter 26
- Jeremiya Chapter 20
- Jeremiya Chapter 35
- Jeremiya Chapter 37
- Jeremiya Chapter 5
- Jeremiya Chapter 17
- Jeremiya Chapter 27