Read IzAga Chapter 11 Online
Read IzAga Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IzAga 11
Isahluko 11
1. Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.
2. Lapho kufika ukuziqhenya, kufika nehlazo; kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
3. Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola, kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.
4. Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.
5. Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe, kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.
6. Ukulunga kwabaqotho kuyabophula, kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo.
7. Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe, nethemba lobubi liyabhubha.
8. Olungileyo uyakhululwa osizini, kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.
9. Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.
10. Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza; lapho bebhubha, kukhona ukwenanela.
11. Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa, kepha ngomlomo wababi uyachithwa.
12. Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha, kepha umuntu onengqondo uyazithulela.
13. Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
14. Lapho kungekho iziluleko, abantu bayawa, kepha lapho kukhona abeluleki abaningi, lapho kukhona ukuphumelela.
15. Uyahlupheka nokuhlupheka omela umfokazi, kepha ozonda ukunika isibambiso ulondekile.
16. Owesifazane onomusa uzuza udumo, nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.
17. Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe, kepha ononya uhlupha inyama yakhe.
18. Omubi uthola inzuzo yenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.
19. Oqinile ekulungeni uyakuphila, kepha olandela okubi, kuyakuba ngukufa kwakhe.
20. Abanhliziyo ephambeneyo bayisinengiso kuJehova. kepha abapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye.
21. Impela omubi akayekwa, kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.
22. Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube, unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.
23. Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela; ithemba lababi lilulaka.
24. Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela.
25. Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.
26. Ogodla amabele, abantu bayamqalekisa, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo.
27. Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofuna okubi, kuyakumehlela.
28. Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
29. Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya, nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.
30. Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.
31. Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni; kakhulu kangakanani omubi nesoni.
About IzAga Chapter 11
Read IzAga Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IzAga
Chapter: 11
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IzAga Chapter 11 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IzAga Chapter 11?
IzAga Chapter 11 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IzAga Chapter 11 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 1
- Ruthe Chapter 4
Explore More from izaga
- IzAga Chapter 5
- IzAga Chapter 2
- IzAga Chapter 25
- IzAga Chapter 9
- IzAga Chapter 29
- IzAga Chapter 14
- IzAga Chapter 10