AmaRoma Chapter 3

For English

Read AmaRoma Chapter 3 Online

Read AmaRoma Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of AmaRoma and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

AmaRoma 3

Isahluko 3

1. Ngalokho kuyini umJuda adlula abanye ngakho na? Kukho, ukusoka kunokusiza kuni na?

2. Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu.

3. Kunjani pho? Uma abanye bengakholwanga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na?

4. Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.”

5. Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu.

6. Qha nakanye, ngokuba uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe, pho, na?

7. Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu lavama ngamanga ami, kube yinkazimulo yakhe, ngisahlulelelwani futhi mina njengesoni na?

8. Kungabi ngukuthi, njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukulahlwa kwabo kubafanele.

9. Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono,

10. njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Akakho olungileyo, akakho noyedwa;

11. akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu;

12. bonke baphambukile, baphenduke imbuqa bonkana; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.

13. Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo, ngezilimi zabo bayakhohlisa, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;

14. umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba;

15. izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi,

16. incithakalo nosizi kusezindleleni zabo,

17. indlela yokuthula abayazi.

18. Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.”

19. Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,

20. ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.

21. Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi,

22. ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko;

23. ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;

24. balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu,

25. ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili

26. ekubekezeleni kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.

27. Ngakho kuphi ukuzibonga na? Kuvalelwe phandle. Ngamthetho muni na? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa.

28. Ngakho-ke sithi umuntu ulungisiswa ngokukholwa ngaphandle kwemisebenzi yomthetho.

29. Kumbe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Kasiye nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe,

30. uma impela uNkulunkulu emunye oyakulungisisa abasokileyo ngokukholwa nabangasokile ngokukholwa.

31. Ngakho-ke umthetho siwenza ize ngenxa yokukholwa na? Qha nakanye, kodwa siyawuqinisa umthetho.

About AmaRoma Chapter 3

Read AmaRoma Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of AmaRoma in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: AmaRoma
Chapter: 3
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading AmaRoma. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading AmaRoma Chapter 3 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is AmaRoma Chapter 3?

AmaRoma Chapter 3 is part of the Book of AmaRoma in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete AmaRoma Chapter 3 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from amaroma

  1. AmaRoma Chapter 15
  2. AmaRoma Chapter 16
  3. AmaRoma Chapter 14
  4. AmaRoma Chapter 1
  5. AmaRoma Chapter 9
  6. AmaRoma Chapter 4
  7. AmaRoma Chapter 11

Explore More from ITestamente Elisha

  1. EkaJakobe Chapter 3
  2. Luka Chapter 18
  3. AmaRoma Chapter 12
  4. Johane Chapter 7
  5. AmaRoma Chapter 8
  6. IzEnzo Chapter 28
  7. 1 Korinte Chapter 8

Related Chapters & Readings

  1. Hoseya Chapter 14
  2. Numeri Chapter 14
  3. Jobe Chapter 28
  4. Jeremiya Chapter 11
  5. Isaya Chapter 22
  6. Johane Chapter 12
  7. Jeremiya Chapter 34
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *