1 Samuweli Chapter 8

For English

Read 1 Samuweli Chapter 8 Online

Read 1 Samuweli Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Samuweli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Samuweli and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

1 Samuweli 8

Isahluko 8

1. Kwathi uSamuweli esemdala, wabeka amadodana akhe abe ngabahluleli phezu kuka-Israyeli.

2. Igama lendodana yakhe eyizibulo lalinguJoweli; igama leyesibili lalingu-Abiya; babe ngabahluleli eBeri Sheba.

3. Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.

4. Kwabuthana onke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama;

5. athi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; sibekele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.”

6. Kepha leyo nto yaba mbi emehlweni kaSamuweli, lapho bethi: “Siphe inkosi ukuba isahlulele.” USamuweli wayesekhuleka kuJehova.

7. UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.

8. Njengemisebenzi yonke abayenzileyo, kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube namuhla, bangishiya bekhonza abanye onkulunkulu, benze njalo nakuwe.

9. Manje lalela izwi labo, ugamele nokugamela kubo kuphela, ubatshele amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwabo.”

10. USamuweli wabatshela abantu abacela kuye inkosi onke amazwi kaJehova.

11. Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;

12. iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.

13. Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki, nabapheki, nabaphekizinkwa.

14. Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle, ikunike izinceku zayo.

15. Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo.

16. Iyakuthatha izinceku zenu, nezincekukazi zenu, nezinsizwa zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, izenze ukuba zisebenze imisebenzi yayo.

17. Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe yizinceku zayo.

18. Niyakukhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu, eniyakube nizikhethele yona; kepha uJehova akayikuniphendula ngalolo suku.”

19. Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu,

20. ukuze nathi sibe njengezizwe zonke, inkosi yethu isahlulele, iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu.”

21. USamuweli wezwa onke amazwi abantu, wawalanda ezindlebeni zikaJehova.

22. UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labo, ubanike inkosi.” USamuweli wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Hambani niye, kube yilowo nalowo emzini wakini.”

About 1 Samuweli Chapter 8

Read 1 Samuweli Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Samuweli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 1 Samuweli
Chapter: 8
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Samuweli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 1 Samuweli Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 1 Samuweli Chapter 8?

1 Samuweli Chapter 8 is part of the Book of 1 Samuweli in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 1 Samuweli Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 1-samuweli

  1. 1 Samuweli Chapter 12
  2. 1 Samuweli Chapter 18
  3. 1 Samuweli Chapter 29
  4. 1 Samuweli Chapter 15
  5. 1 Samuweli Chapter 13
  6. 1 Samuweli Chapter 6
  7. 1 Samuweli Chapter 30

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Jeremiya Chapter 28
  2. AmaHubo Chapter 45
  3. AmaHubo Chapter 99
  4. Nahume Chapter 3
  5. Ezra Chapter 1
  6. AmaHubo Chapter 32
  7. AmaHubo Chapter 21

Related Chapters & Readings

  1. IsAmbulo Chapter 2
  2. AmaHubo Chapter 117
  3. Isaya Chapter 15
  4. Eksodusi Chapter 4
  5. 1 AmaKhosi Chapter 11
  6. Numeri Chapter 30
  7. Isaya Chapter 61
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *