Read IzAga Chapter 17 Online
Read IzAga Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IzAga 17
Isahluko 17
1. Umthamo owomileyo kanye nokuthula ungcono kunendlu egcwele okuhlatshiweyo kanye nokuxabana.
2. Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo; iyakudla ifa phakathi kwezelamani.
3. Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.
4. Owenza okubi uqaphela izindebe zokona, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.
5. Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayikuyekwa.
6. Abantwana babantwana bangumqhele wabadala, nodumo lwabantwana lungoyise.
7. Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula; kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.
8. Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo: noma ebhekaphi, uyaphumelela.
9. Osibekela isiphambeko ufuna uthando, kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.
10. Insolo ingena koqondileyo kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.
11. Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela; ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.
12. Umuntu makahlangane nebhere elaphuciwe amawundlu alo kunesiwula ebuwuleni baso.
13. Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyikusuka endlini yakhe.
14. Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.
15. Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.
16. Yini ukuba kube yimali esandleni sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha, kungekho ukuqonda, na?
17. Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.
18. Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla, abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.
19. Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko; owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.
20. Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle; onolimi oluyisigwegwe uwela engozini.
21. Ozala isiwula kulusizi kuye; uyise wesiwula akathokozi.
22. Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.
23. Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifubeni ukuba aphambukise izindlela zokwahlulela.
24. Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo, kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.
25. Indodana eyisiwula ilusizi kuyise nokubaba kowayizalayo.
26. Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile.
27. Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.
28. Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi; ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.
About IzAga Chapter 17
Read IzAga Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IzAga
Chapter: 17
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IzAga Chapter 17 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IzAga Chapter 17?
IzAga Chapter 17 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IzAga Chapter 17 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Ruthe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 4
Explore More from izaga
- IzAga Chapter 7
- IzAga Chapter 10
- IzAga Chapter 9
- IzAga Chapter 14
- IzAga Chapter 11
- IzAga Chapter 29
- IzAga Chapter 6