Read IzAga Chapter 19 Online
Read IzAga Chapter 19 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IzAga 19
Isahluko 19
1. Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunophambene ngezindebe zakhe eyisiwula.
2. Futhi akulungile ukuba umphefumulo ungabi nakwazi; oshesha ngezinyawo uyaduka.
3. Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.
4. Imfuyo iyenezela abangane abaningi, kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.
5. Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga akayikusinda.
6. Baningi abancenga izikhulu; bonke bangabangane bomuntu wezipho.
7. Bonke abazalwane bompofu bayamzonda; kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye; uyabaxosha ngamazwi, kepha awasekho.
8. Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe; ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.
9. Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga uyakubhubha.
10. Ukutamasa akufanele isiwula; kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.
11. Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.
12. Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.
13. Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise, nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.
14. Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise, kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.
15. Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima, nesidenge siyalamba.
16. Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe, kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
17. Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.
18. Yilaye indodana yakho, lisekhona ithemba; ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.
19. Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo, ngokuba uma umophula, umelwe ukukuphinda.
20. Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa, ukuze uhlakaniphe ekugcineni.
21. Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
22. Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe; ompofu ungcono kunomuntu wamanga.
23. Ukumesaba uJehova kungokokuphila; onakho uhlezi anelisiwe, akahanjelwa ngububi.
24. Ivila liyafaka isandla salo esitsheni; alisibuyiseli nasemlonyeni walo.
25. Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda; sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.
26. Ochitha uyise noxosha unina uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.
27. Yeka, ndodana yami, ukulalela ukulaywa, uyakuduka emazwini okwazi.
28. Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela; umlomo wababi uyagwinya ukona.
29. Izahlulelo zilungiselwa izideleli, nemivimbo umhlane weziwula.
About IzAga Chapter 19
Read IzAga Chapter 19 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IzAga
Chapter: 19
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IzAga Chapter 19 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IzAga Chapter 19?
IzAga Chapter 19 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IzAga Chapter 19 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 3
- AmaHubo Chapter 2
Explore More from izaga
- IzAga Chapter 25
- IzAga Chapter 24
- IzAga Chapter 26
- IzAga Chapter 17
- IzAga Chapter 7
- IzAga Chapter 15
- IzAga Chapter 29