IzAga Chapter 14

For English

Read IzAga Chapter 14 Online

Read IzAga Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

IzAga 14

Isahluko 14

1. Owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.

2. Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova, kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.

3. Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.

4. Lapho kungekho khona izinkomo, umkhombe awunalutho, kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.

5. Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga, kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.

6. Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi, kepha ukwazi kulula koqondayo.

7. Suka phambi komuntu oyisiwula, ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.

8. Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.

9. Iziwula ziyadelela umnikelo wecala, kepha phakathi kwabaqotho wamukelekile.

10. Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo; umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.

11. Indlu yababi iyachithwa, kepha itende labaqotho liyahluma.

12. Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

13. Nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu, nokuphela kwentokozo kulusizi.

14. Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe, nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.

15. Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.

16. Ohlakaniphileyo uyesaba, udeda ebubini, kepha isiwula siyaqhosha, singanaki lutho.

17. Isififane siyenza ubuwula, kepha umuntu wamasu unokuthula.

18. Abangenalwazi badla ifa lobuwula, kepha abaqondileyo baqheliswa ngokwazi.

19. Ababi bakhothama phambi kwabalungileyo, namashinga ngasemasangweni abalungileyo.

20. Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.

21. Odelela umakhelwane wakhe uyona, kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.

22. Angithi bayaduka abaceba okubi na? Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.

23. Wonke umshikashika unenzuzo, kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.

24. Umqhele wabahlakaniphileyo uyingcebo yabo, umgexo weziwula ungubuwula.

25. Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo, kepha ophafuza amanga unenkohliso.

26. Ekumesabeni uJehova kukhona ithemba elinamandla; abantwana bakhe bayakuba nesiphephelo.

27. Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezingibeni zokufa.

28. Udumo lwenkosi lungobuningi babantu, kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu.

29. Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi, kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.

30. Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo.

31. Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kepha onomusa koswelayo uyamdumisa.

32. Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.

33. Ukuhlakanipha kuhlezi enhliziyweni yonokuqonda, kepha phakathi kweziwula akwaziwa.

34. Ukulunga kuyaphakamisa isizwe, kepha ukona kuyihlazo kubantu.

35. Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda, kepha intukuthelo yayo iyakuba kwehlazisayo.

About IzAga Chapter 14

Read IzAga Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: IzAga
Chapter: 14
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading IzAga Chapter 14 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is IzAga Chapter 14?

IzAga Chapter 14 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete IzAga Chapter 14 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 15

Explore More from izaga

  1. IzAga Chapter 22
  2. IzAga Chapter 25
  3. IzAga Chapter 21
  4. IzAga Chapter 9
  5. IzAga Chapter 7
  6. IzAga Chapter 6
  7. IzAga Chapter 2

Related Chapters & Readings

  1. Jobe Chapter 36
  2. Genesise Chapter 45
  3. Jeremiya Chapter 33
  4. 2 IziKronike Chapter 31
  5. Hezekeli Chapter 26
  6. 1 Korinte Chapter 8
  7. Duteronomi Chapter 11
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *