Read IzAga Chapter 24 Online
Read IzAga Chapter 24 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IzAga 24
Isahluko 24
1. Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.
2. Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha, nezindebe zabo zikhuluma ngengozi.
3. Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.
4. Amakamelo agcwaliswa ngokwazi, ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.
5. Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla, nomuntu onokwazi onezikhwepha.
6. Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho, nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.
7. Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula; esangweni asivuli umlomo waso.
8. Ocabanga ukwenza okubi uyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.
9. Ukuceba ubuwula kuyisono, nesideleli siyisinengiso kubantu.
10. Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.
11. Bophule abayiswa ekufeni; abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.
12. Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,” akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo, nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na? Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?
13. Ndodana yami, yidla izinyosi, ngokuba zimnandi, noju oluhle emlonyeni wakho.
14. Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo, nethemba lakho aliyikunqunywa.
15. Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo, ungachithi indawo yakhe yokuphumula.
16. Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.
17. Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho, nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,
18. funa uJehova akubone, kube kubi emehlweni akhe, asuse intukuthelo yakhe kuso.
19. Ungazikhathazi ngabenza okubi, ungabi namhawu ngamashinga.
20. Ngokuba omubi akayikuba namvuzo, nesibani samashinga siyakucima.
21. Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungahlangani nabahlubukayo.
22. Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane; ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?
23. Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo: Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.
24. Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,” lowo abantu bayakumqalekisa, nezizwe ziyakumthukuthelela.
25. Kwabamthethisayo kuyakuba mnandi, kufike phezu kwabo isibusiso esihle.
26. Njengokwanga kwezindebe, injalo impendulo eqinisileyo.
27. Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini, wakhe ngasemuva indlu yakho.
28. Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu; wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?
29. Ungasho ukuthi: “Njengalokho ekwenzile kimi, kanjalo ngiyakwenza kuye, ngimphindisele umuntu njengesenzo sakhe.”
30. Ngadlula ensimini yomuntu oyivila, nasesivinini somuntu ongenangqondo;
31. bheka, kuso sonke kwakukhona izimbathi, sisibekelwe phezulu ngezimbabazane, nogange lwaso lwamatshe lwaludilizelwe phansi.
32. Ngabuka-ke mina, ngacabanga; ngabona, ngathola ukulaywa:
33. ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
34. besekuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma, nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.
About IzAga Chapter 24
Read IzAga Chapter 24 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IzAga
Chapter: 24
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IzAga Chapter 24 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IzAga Chapter 24?
IzAga Chapter 24 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IzAga Chapter 24 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 1
- Ruthe Chapter 4
Explore More from izaga
- IzAga Chapter 22
- IzAga Chapter 28
- IzAga Chapter 21
- IzAga Chapter 19
- IzAga Chapter 14
- IzAga Chapter 12
- IzAga Chapter 5