Read IzAga Chapter 31 Online
Read IzAga Chapter 31 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IzAga 31
Isahluko 31
1. Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina.
2. “Yini, ndodana yami, yini, ndodana yesizalo sami, yini, ndodana yezithembiso zami, na?
3. Unganiki abesifazane amandla akho, nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.
4. “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,
5. funa baphuze, bakhohlwe izimiso, baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.
6. Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla nomunyu enhliziyweni iwayini.
7. Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esakhumbula usizi lwakhe.
8. “Sivulele isimungulu umlomo wakho, umele bonke abantwana abayizintandane.
9. Vula umlomo wakho, wahlulele ngokulunga, umele abahluphekayo nabampofu.”
10. Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.
11. Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye; ayiyikuswela inzuzo.
12. Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
13. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi; usebenza ngezandla ezivumayo.
14. Unjengemikhumbi yabathengi; ulanda kude ukudla kwakhe.
15. Uyavuka kuse sebusuku, aphe abendlu yakhe ukudla namantombazana akhe imisebenzi yawo.
16. Ucabanga ngensimu, ayithenge; ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,
17. Uyabhinca okhalweni amandla; uyaqinisa izingalo zakhe.
18. Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo; isibani sakhe asicimeki nasebusuku.
19. Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi.
20. Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.
21. Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane; ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.
22. Uyazenzela izindwangu ezimbozayo; izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.
23. Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe.
24. Wenza izingubo zelineni, athengise ngazo, anikele kubathengi amabhande.
25. Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo.
26. Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.
27. Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe, akadli isinkwa sobuvila.
28. Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:
29. “Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.”
30. Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.
31. Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.
About IzAga Chapter 31
Read IzAga Chapter 31 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IzAga
Chapter: 31
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IzAga Chapter 31 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IzAga Chapter 31?
IzAga Chapter 31 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IzAga Chapter 31 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Ruthe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 4
Explore More from izaga
- IzAga Chapter 14
- IzAga Chapter 6
- IzAga Chapter 29
- IzAga Chapter 20
- IzAga Chapter 25
- IzAga Chapter 10
- IzAga Chapter 17