IzAga Chapter 13

For English

Read IzAga Chapter 13 Online

Read IzAga Chapter 13 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

IzAga 13

Isahluko 13

1. Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise, kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa.

2. Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe, kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.

3. Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

4. Umphefumulo wevila uyafisa, ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.

5. Olungileyo uyazonda amazwi amanga, kepha omubi ubanga amahloni, ahlazise.

6. Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele, kepha ububi buyachitha isoni.

7. Kukhona ozishaya ocebileyo, engenalutho kodwa; kukhona ozishaya ompofu, enemfuyo enkulu.

8. Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe, kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.

9. Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza, kepha izibani zababi ziyacimeka.

10. Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela, kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.

11. Imfuyo etholakala kalula iyancipha, kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.

12. Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo; isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.

13. Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.

14. Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.

15. Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.

16. Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi, kepha isiwula sihlakaza ubuwula.

17. Isithunywa esibi siwela ebubini, kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso.

18. Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa, kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.

19. Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula.

20. Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

21. Ububi bulandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.

22. Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.

23. Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi, kepha kukhona okuchithwa ngenxa yokungalungi.

24. Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe, kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.

25. Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe, kepha isisu sababi siyaswela.

About IzAga Chapter 13

Read IzAga Chapter 13 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: IzAga
Chapter: 13
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading IzAga Chapter 13 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is IzAga Chapter 13?

IzAga Chapter 13 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete IzAga Chapter 13 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 49
  2. AmaHubo Chapter 20
  3. AmaHubo Chapter 10
  4. AmaHubo Chapter 1
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 26
  7. AmaHubo Chapter 6

Explore More from izaga

  1. IzAga Chapter 28
  2. IzAga Chapter 11
  3. IzAga Chapter 24
  4. IzAga Chapter 17
  5. IzAga Chapter 25
  6. IzAga Chapter 2
  7. IzAga Chapter 21

Related Chapters & Readings

  1. IsAmbulo Chapter 18
  2. Eksodusi Chapter 28
  3. Johane Chapter 9
  4. AmaHubo Chapter 147
  5. AmaHubo Chapter 54
  6. 2 IziKronike Chapter 24
  7. 1 Thimothewu Chapter 4
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *