Read Hezekeli Chapter 9 Online
Read Hezekeli Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hezekeli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Hezekeli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Hezekeli 9
Isahluko 9
1. Wayesememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, ethi: “Mazisondele izijeziso zomuzi, kube yilowo nalowo abe nezikhali zokubulala esandleni sakhe.”
2. Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni, inophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.
3. Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayenyukile ekherubini eyayiphezu kwalo, yaya embundwini wendlu, wayibiza indoda eyembethe ilineni, eyayinophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo.
4. UJehova wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”
5. Kwamanye washo ezindlebeni zami, wathi: “Dabulani emzini emva kwayo, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele,
6. nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.
7. Wathi kuwo: “Ngcolisani indlu, nigcwalise amagceke ngababuleweyo. Phumani!” Aphuma, abulala emzini.
8. Kwathi esabulala, kwasala mina; ngawa ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Jehova! Uyakubulala yonke insali yakwa-Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?”
9. Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’
10. Nami-ke, iso lami aliyikubahawukela, ngingabi nabubele, kepha ngiyakwehlisela indlela yabo phezu kwekhanda labo.”
11. Bheka, indoda eyembethe ilineni, inophondo lukayinki ngasokhalweni lwayo, yabuyisa izwi, yathi: “Ngenzile njengokungiyala kwakho.”
About Hezekeli Chapter 9
Read Hezekeli Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hezekeli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Hezekeli
Chapter: 9
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Hezekeli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Hezekeli Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Hezekeli Chapter 9?
Hezekeli Chapter 9 is part of the Book of Hezekeli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Hezekeli Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Hezekeli
- Hezekeli Chapter 1
- Hezekeli Chapter 40
- Hezekeli Chapter 36
- Hezekeli Chapter 28
- Hezekeli Chapter 20
- Hezekeli Chapter 19
- Hezekeli Chapter 22
Explore More from ITestamente Elidala
- Levitikusi Chapter 13
- Numeri Chapter 4
- 2 AmaKhosi Chapter 23
- Hezekeli Chapter 43
- Duteronomi Chapter 2
- 2 AmaKhosi Chapter 20
- AmaHubo Chapter 132