Read IzAga Chapter 21 Online
Read IzAga Chapter 21 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IzAga 21
Isahluko 21
1. Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.
2. Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe, kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.
3. Ukwenza ukulunga nokwahlulela kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.
4. Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo, isibani sababi, kuyisono.
5. Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni, kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.
6. Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elizulazuliswa, nezingibe zokufa.
7. Ukuchitha kwababi kuyabaqothula, ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.
8. Indlela yothweswe icala iyinsongensonge, kepha ohlanzekileyo, isenzo sakhe silungile.
9. Kungcono ukuhlala egumbini lophahla kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.
10. Umphefumulo womubi ufisa okubi; umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.
11. Lapho isideleli sihlawuliswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uyathola ukwazi.
12. Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi; ababi bayachithelwa ebubini.
13. Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu naye uyakukhala angaphendulwa.
14. Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka, nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.
15. Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela, kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.
16. Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni lezithunzi.
17. Othanda injabulo uyakuba mpofu, nothanda iwayini namafutha kayikuceba.
18. Omubi uyihlawulo lolungileyo, nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.
19. Kungcono ukuhlala ezweni lasehlane kunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.
20. Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.
21. Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.
22. Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe, awise phansi inqaba ayethembayo wona.
23. Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
24. Ozidlayo nozigabisayo, yisideleli igama lakhe, yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.
25. Isifiso sevila siyalibulala, ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.
26. Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke, kepha olungileyo uyaphana engancishi.
27. Umhlatshelo wababi uyisinengiso; kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.
28. Ufakazi wamanga uyabhujiswa, kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.
29. Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe, kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.
30. Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.
31. Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.
About IzAga Chapter 21
Read IzAga Chapter 21 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IzAga
Chapter: 21
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IzAga Chapter 21 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IzAga Chapter 21?
IzAga Chapter 21 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IzAga Chapter 21 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 3
Explore More from izaga
- IzAga Chapter 9
- IzAga Chapter 11
- IzAga Chapter 16
- IzAga Chapter 25
- IzAga Chapter 17
- IzAga Chapter 2
- IzAga Chapter 18