Read IzAga Chapter 8 Online
Read IzAga Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IzAga 8
Isahluko 8
1. Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?
2. Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo, ngasendleleni phakathi kwemikhondo.
3. Ngaseceleni kwamasango, ngasekungeneni komuzi, lapho kungenwa ngeminyango, kuyamemeza ngokuthi:
4. “Ngiyanibiza nina madoda; izwi lami likumadodana abantu.
5. Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi; nani ziwula, manibe nenhliziyo eqondileyo.
6. Zwanini, ngokuba ngiyakulanda okukhulu; ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo.
7. Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami.
8. Onke amazwi omlomo wami asekulungeni; akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo.
9. Aqondile onke koqondayo; alungile kothola ukwazi.
10. Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva, nokwazi kunegolide elikhethekileyo.
11. Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi, nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.
12. Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni, ngithola ukwazi namasu.
13. Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.
14. Kimina kukhona ukululeka nempumelelo; ngingukuqonda, nginamandla.
15. Amakhosi abusa ngami, nababusi bamisa ukulunga.
16. Izikhulu zibusa ngami, namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba.
17. Ngiyathanda abangithandayo; abangifunayo bayakungifumana.
18. Ingcebo nodumo kukimi, ukunotha okumiyo nokulunga.
19. Isithelo sami sihle kunegolide, kunegolide elicwengekileyo, nenzuzo yami kunesiliva elikhethekileyo.
20. Ngiyahamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokwahlulela,
21. ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo, ngigcwalise izindlu zabo zengcebo.
22. “UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe ngaphambi kwemisebenzi yamandulo.
23. Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni, umhlaba ungakabikho.
24. Lungakabikho utwa ngazalwa, ingakabikho imithombo egcwele amanzi.
25. Zingakasekelwa izintaba, namagquma engakabikho, ngazalwa,
26. engakawenzi umhlaba namasimu, nokuqala kothuli lwezwe.
27. Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona, nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa.
28. Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine, nemithombo yotwa iphuphume ngamandla,
29. lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba,
30. khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke,
31. ngijabula ezweni lomhlaba wakhe, intokozo yami ikanye namadodana abantu.
32. “Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.
33. Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi.
34. Ubusisiwe umuntu ongizwayo, elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.
35. Ngokuba ongifumanayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova.
36. Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”
About IzAga Chapter 8
Read IzAga Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IzAga
Chapter: 8
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IzAga Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IzAga Chapter 8?
IzAga Chapter 8 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IzAga Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Ruthe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 4
Explore More from izaga
- IzAga Chapter 6
- IzAga Chapter 25
- IzAga Chapter 4
- IzAga Chapter 27
- IzAga Chapter 9
- IzAga Chapter 11
- IzAga Chapter 3