Read IzAga Chapter 28 Online
Read IzAga Chapter 28 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IzAga 28
Isahluko 28
1. Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.
2. Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi, kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.
3. Umuntu oswelayo ocindezela abampofu unjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.
4. Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho balwa nabo.
5. Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke.
6. Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.
7. Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo, kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.
8. Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo uyibuthela onomusa kwabampofu.
9. Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho, nomkhuleko wakhe uyisinengiso.
10. Odukisela abaqotho endleleni embi uyakuwela emgodini wakhe, kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.
11. Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso, kepha ompofu oqondileyo uyakusifica.
12. Lapho abalungileyo bethokoza, udumo lukhulu, kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.
13. Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
14. Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.
15. Njengengoyama ebhongayo nebhere elihahayo, unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.
16. Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo, ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.
17. Umuntu osindwa yigazi lomunye uyakubalekela egodini; makangasizwa muntu.
18. Ohamba ekupheleleni uyakusinda, kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.
19. Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla, kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.
20. Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso, kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.
21. Ukukhetha ubuso akukuhle; ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.
22. Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo; akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.
23. Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa kunothopha ngolimi lwakhe.
24. Ophanga uyise nonina, ethi: “Akusiso isiphambeko,” yena ungumngane wochithayo.
25. Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana, kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.
26. Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula; kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.
27. Opha ompofu akayikuswela, kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.
28. Lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha, kepha ngokubhubha kwabo abalungileyo bayanda.
About IzAga Chapter 28
Read IzAga Chapter 28 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IzAga
Chapter: 28
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IzAga Chapter 28 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IzAga Chapter 28?
IzAga Chapter 28 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IzAga Chapter 28 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 1
- Ruthe Chapter 4
Explore More from izaga
- IzAga Chapter 21
- IzAga Chapter 3
- IzAga Chapter 29
- IzAga Chapter 18
- IzAga Chapter 25
- IzAga Chapter 8
- IzAga Chapter 22