IzAga Chapter 29

For English

Read IzAga Chapter 29 Online

Read IzAga Chapter 29 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzAga and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

IzAga 29

Isahluko 29

1. Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.

2. Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo, kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula.

3. Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.

4. Inkosi iqinisa izwe ngokwahlulela, kepha umuntu olithelisayo uyalichitha.

5. Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.

6. Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe, kepha olungileyo uyenanela, athokoze.

7. Olungileyo uyazi indaba yabampofu, kepha omubi akayiqondi.

8. Abantu abayizideleli bavusa umuzi, kepha abahlakaniphileyo babuyisa ulaka.

9. Uma ohlakaniphileyo ephikisene nesiwula, siyadlova sihleke, nokuthula akukho.

10. Abantu begazi bayazonda opheleleyo, kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.

11. Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.

12. Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izinceku zakhe zimbi.

13. Ompofu nocindezelayo bandawonye; uJehova ukhanyisa amehlo abo bobabili.

14. Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso, isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.

15. Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.

16. Ngokwanda kwababi kuyanda iziphambeko, kepha abalungileyo bayakubuka ukuwa kwabo.

17. Yilaye indodana yakho, iyakukuphumuza, yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.

18. Lapho kungekho mbono khona, abantu bayadlubulunda, kepha ogcina umthetho ubusisiwe.

19. Inceku ayisolwa ngamazwi, ngokuba noma iqonda ayilaleli.

20. Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na? Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.

21. Inceku ekhuliswa kahle kwasebuntwaneni iyakuba yindodana ekugcineni.

22. Umuntu onolaka uvusa ukuxabana, nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.

23. Ukuzidla komuntu kuyamthobisa, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.

24. Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uyezwa isifungo, kepha akasidaluli.

25. Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.

26. Abaningi bafuna ubuso bombusi, kepha ukwahlulelwa komuntu kuvela kuJehova.

27. Umuntu owonakeleyo uyisinengiso kwabalungileyo, noqotho endleleni uyisinengiso komubi.

About IzAga Chapter 29

Read IzAga Chapter 29 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzAga in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: IzAga
Chapter: 29
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzAga. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading IzAga Chapter 29 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is IzAga Chapter 29?

IzAga Chapter 29 is part of the Book of IzAga in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete IzAga Chapter 29 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. Esteri Chapter 2
  2. Jobe Chapter 1
  3. Zakariya Chapter 2
  4. Zefaniya Chapter 2
  5. Jobe Chapter 2
  6. Ruthe Chapter 1
  7. Ruthe Chapter 4

Explore More from izaga

  1. IzAga Chapter 9
  2. IzAga Chapter 7
  3. IzAga Chapter 27
  4. IzAga Chapter 24
  5. IzAga Chapter 22
  6. IzAga Chapter 10
  7. IzAga Chapter 6

Related Chapters & Readings

  1. IzAga Chapter 18
  2. Hezekeli Chapter 47
  3. IsAmbulo Chapter 10
  4. Levitikusi Chapter 12
  5. IzAga Chapter 9
  6. IzEnzo Chapter 23
  7. 2 IziKronike Chapter 30
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *