Hoseya Chapter 9

For English

Read Hoseya Chapter 9 Online

Read Hoseya Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hoseya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Hoseya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Hoseya 9

Isahluko 9

1. Ungajabuli, Israyeli, kube ngukuthokoza njengokwabezizwe, ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba, wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.

2. Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza, iwayini elisha liyakumkhohlisa.

3. Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.

4. Abayikuthululela uJehova iwayini; imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye, isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo; bonke abasidlayo bayakungcola, ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango, singangeni endlini kaJehova.

5. Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano nangosuku lomkhosi kaJehova na?

6. Bhekani, ngokuba bemukile ekuchithweni iGibithe liyakubabutha, iMofi libembele; izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane, kube ngameva ematendeni abo.

7. Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;

8. umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.

9. Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya; uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo.

10. “Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.

11. Udumo luka-Efrayimi luyakundiza, lumuke njengenyoni, kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa.

12. Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!

13. U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire, utshalwe endaweni emnandi, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

14. “Banike, Jehova uyakunikani? Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.

15. “Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.

16. U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela izithelo. Noma bezala, ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”

17. UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.

About Hoseya Chapter 9

Read Hoseya Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hoseya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Hoseya
Chapter: 9
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Hoseya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Hoseya Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Hoseya Chapter 9?

Hoseya Chapter 9 is part of the Book of Hoseya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Hoseya Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from hoşeýa

  1. Hoşeýa Chapter 1
  2. Hoşeýa Chapter 4
  3. Hoşeýa Chapter 3
  4. Hoşeýa Chapter 9
  5. Hoşeýa Chapter 10
  6. Hoşeýa Chapter 7
  7. Hoşeýa Chapter 5

Explore More from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 86
  2. 2 Samuweli Chapter 24
  3. Eksodusi Chapter 14
  4. Jeremiya Chapter 45
  5. AmaHubo Chapter 17
  6. Esteri Chapter 6
  7. Jeremiya Chapter 50

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 81
  2. Genesise Chapter 14
  3. AmaHubo Chapter 1
  4. Mathewu Chapter 15
  5. Duteronomi Chapter 22
  6. Isaya Chapter 50
  7. AbAhluleli Chapter 14
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *