Read Numeri Chapter 30 Online
Read Numeri Chapter 30 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Numeri and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Numeri 30
Isahluko 30
1. UMose wayesekhuluma kuzo izinhloko zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ethi: “Yilokhu uJehova ayale ngakho ukuthi:
2. ‘Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile, akayikwaphula izwi lakhe; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.
3. “ ‘Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova, azibophe ngesibopho esithile esendlini kayise, esemusha,
4. uyise esizwa isithembiso sakhe nesibopho sakhe abophe ngaso umphefumulo wakhe, engasho lutho kuye, izithembiso zakhe zonke ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;
5. kepha uma uyise emalela ngosuku akuzwa ngalo, akuyikuma nesisodwa sezithembiso zakhe nesezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe; uJehova uyakumthethelela, ngokuba uyise umalele.
6. “ ‘Uma engowendoda, izithembiso zakhe zisephezu kwakhe noma okuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe,
7. indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye ngosuku ekuzwa ngalo, izithembiso zakhe ziyakuma, nezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;
8. kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo, iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwakhe nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.
9. “ ‘Kepha isithembiso somfelokazi noma esolahliweyo, konke abophe ngakho umphefumulo wakhe kuyakuma kuye.
10. “ ‘Uma enzile isithembiso endlini yendoda yakhe, noma ebophe ngesibopho umphefumulo wakhe ngesifungo,
11. indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye, ingamalelanga, zonke izithembiso zakhe ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;
12. kepha uma indoda yakhe izenza ize ngosuku ezizwa ngalo, konke okuphuma emlonyeni wakhe mayelana nezithembiso zakhe namayelana nesibopho somphefumulo wakhe akuyikuma; indoda yakhe ikwenzile ize; uJehova uyakumthethelela.
13. Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize.
14. Kepha uma indoda yakhe ithula nokuthula kuye izinsuku ngezinsuku, iyaqinisa zonke izithembiso zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile kuye ngosuku eyazizwa ngalo;
15. kepha uma izenza ize lapho isizizwile, iyakuthwala ububi bakhe.’ ”
16. Yilezo izimiso uJehova ayala ngazo uMose phakathi kwendoda nomkayo, naphakathi kukayise nendodakazi yakhe isentsha endlini kayise.
About Numeri Chapter 30
Read Numeri Chapter 30 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Numeri
Chapter: 30
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Numeri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Numeri Chapter 30 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Numeri Chapter 30?
Numeri Chapter 30 is part of the Book of Numeri in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Numeri Chapter 30 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 1
- Zefaniya Chapter 2
- Ruthe Chapter 4
Explore More from Numeri
- Numeri Chapter 5
- Numeri Chapter 36
- Numeri Chapter 28
- Numeri Chapter 19
- Numeri Chapter 4
- Numeri Chapter 32
- Numeri Chapter 14