Read Hoseya Chapter 2 Online
Read Hoseya Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hoseya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Hoseya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Hoseya 2
Isahluko 2
1. “Bese nibiza abafowenu ngokuthi u-Ami, nawodadewenu ngokuthi uRuhama.
2. “Phikisanani nonyoko, niphikisane, ngokuba akasiye umkami, nami angisiyo indoda yakhe; makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
3. funa ngimhlubule abe nqunu, ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe, ngimenze ihlane, ngimbeke abe njengezwe elomileyo, ngimbulale ngokoma.
4. Angiyikuhawukela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.
5. Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuza kwami.’
6. Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva, ngakhe ugange ngakuye, ukuze angafumani imikhondo yakhe.
7. Uyakulandela izithandwa zakhe, kepha akayikuzifica; uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana; abesethi: ‘Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.’
8. Kepha akazanga ukuthi yimina engamnika amabele, newayini elisha, namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.
9. “Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo, newayini lami elisha ngenkathi yalo, ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi lami lokusibekela ubunqunu bakhe.
10. Sengiyakwambula ihlazo lakhe emehlweni ezithandwa zakhe; akuyikubakho omophula esandleni sami.
11. Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe, imikhosi yakhe, nokwethwasa kwenyanga, namasabatha akhe, nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.
12. Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakhe ashilo ngakho, wathi: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginikile yona izithandwa zami;’ ngiyakukwenza kube yihlathi, izilwane zasendle zikudle.
13. Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.
14. “Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.
15. Lapho ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi sase-Akori sibe ngumnyango wethemba; uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.
16. “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “ungibize ngokuthi: ‘YiNdoda yami,’ ungasangibizi ngokuthi: ‘NguBali wami.’
17. Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe, bangabe besakhunjulwa ngamagama abo.
18. Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.
19. Ngiyakuzimisela wena ube ngumkami kuze kube phakade, ngizimisele wena ngokulunga, nangokwahlulela, nangomusa, nangobubele.
20. Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube ngumkami; uyakumazi uJehova.
21. “Kuyakuthi ngalolo suku ngiphendule,” usho uJehova, “ngiphendule amazulu, wona aphendule umhlaba.
22. Umhlaba uyakuphendula amabele, newayini elisha, namafutha, khona kuphendule uJizreyeli.
23. Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bathi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”
About Hoseya Chapter 2
Read Hoseya Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hoseya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Hoseya
Chapter: 2
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Hoseya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Hoseya Chapter 2 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Hoseya Chapter 2?
Hoseya Chapter 2 is part of the Book of Hoseya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Hoseya Chapter 2 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from hoşeýa
- Hoşeýa Chapter 1
- Hoşeýa Chapter 4
- Hoşeýa Chapter 3
- Hoşeýa Chapter 9
- Hoşeýa Chapter 10
- Hoşeýa Chapter 7
- Hoşeýa Chapter 5
Explore More from ITestamente Elidala
- Eksodusi Chapter 24
- 1 Samuweli Chapter 22
- Nahume Chapter 2
- 1 IziKronike Chapter 8
- Jeremiya Chapter 46
- AmaHubo Chapter 99
- IsiLilo Chapter 5