Read 2 IziKronike Chapter 2 Online
Read 2 IziKronike Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 IziKronike in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 IziKronike and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
2 IziKronike 2
Isahluko 2
1. USolomoni wahlosa ukwakhela igama likaJehova indlu kanye nendlu yombuso wakhe.
2. USolomoni wabala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa ukuba bathwale imithwalo, nabantu abayizinkulungwane eziyishiyagalombili ukuba babe ngababazi bamatshe ezintabeni, nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha ukubabonisa.
3. USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari, azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.
4. Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.
5. “Indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu, ngokuba mkhulu uNkulunkulu wethu phezu kwabo bonke onkulunkulu.
6. Kodwa ngubani onamandla okumakhela indlu, lokhu izulu nezulu lamazulu lingemanele na? Pho, mina ngingubani ukuba ngimakhele indlu, ukuze kushiswe impepho phambi kwakhe na?
7. “Ngalokho mawuthume kimi umuntu oyingcweti yokusebenza ngegolide, nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangokububende, nangokubomvu, nangokuluhlaza, owazi ukuqopha yonke imiqopho kanye nezingcweti ezinami kwaJuda naseJerusalema, ezamiswa nguDavide ubaba.
8. “Ngithumele futhi imisedari, nemisayipuresi, nemi-alimugi evela eLebanoni, ngokuba ngiyazi ukuthi izinceku zakho ziyakwazi ukugawula imithi eLebanoni; bheka, izinceku zami ziyakuba nezinceku zakho
9. ukungilungisela imithi eminingi, ngokuba indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu ngokumangalisayo.
10. Bheka, ngiyakunika izinceku zakho, abagawuli abagawula imithi, amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni obhuliweyo, namakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ebhali, namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ewayini, namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili amafutha.”
11. UHiramu inkosi yaseTire waphendula ngokuloba, wakuthuma kuSolomoni, wathi: “Ngokuba uJehova uyathanda abantu bakhe, ukubeke inkosi phezu kwabo.”
12. UHiramu wathi futhi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide inkosi indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nengqondo, eyakwakhela uJehova indlu nendlu yombuso wakhe.
13. “Manje sengithumile umuntu ohlakaniphileyo nonolwazi, uHiramu Abi,
14. indodana yowesifazane wamadodakazi akwaDani; uyise wayengumuntu waseTire, owayekwazi ukusebenza ngegolide, nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangamatshe, nangemithi, nangokububende, nangokuluhlaza, nangelineni elicolekileyo, nangokubomvu, nangokuqopha imiqopho yonke, nangokuqamba yonke imisebenzi yobungcweti, ukuba anikwe indawo kanye nezingcweti zakho nezingcweti zenkosi yami uDavide uyihlo.
15. “Ngalokho ukolweni, nebhali, namafutha, newayini, inkosi yami ekhulume ngakho, mayikuthume kuzo izinceku zayo.
16. Thina siyakugawula imithi eLebanoni njengokuswela konke kwakho, siyiyise kuwe eJopha elwandle ngezihlenga, wena uyikhuphulele eJerusalema.”
17. USolomoni wabala bonke abezizwe ababesezweni lakwa-Israyeli ngokubalwa uDavide uyise ayebabalile ngakho; kwafumaniseka ukuthi babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha.
18. Kubona wamisa izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa ukuba bathwale imithwalo, nezinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili ukuba babe ngababazi ezintabeni, nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha ukuba babe ngababonisi bokusebenzisa abantu.
About 2 IziKronike Chapter 2
Read 2 IziKronike Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 IziKronike in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 2 IziKronike
Chapter: 2
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 IziKronike. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 2 IziKronike Chapter 2 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 2 IziKronike Chapter 2?
2 IziKronike Chapter 2 is part of the Book of 2 IziKronike in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 2 IziKronike Chapter 2 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 2 Izikronike
- 2 IziKronike Chapter 5
- 2 IziKronike Chapter 7
- 2 IziKronike Chapter 32
- 2 IziKronike Chapter 20
- 2 IziKronike Chapter 34
- 2 IziKronike Chapter 10
- 2 IziKronike Chapter 19
Explore More from ITestamente Elidala
- Duteronomi Chapter 1
- AmaHubo Chapter 41
- Eksodusi Chapter 19
- Hezekeli Chapter 24
- Daniyeli Chapter 8
- AmaHubo Chapter 135
- IzAga Chapter 23