Numeri Chapter 9

For English

Read Numeri Chapter 9 Online

Read Numeri Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Numeri and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Numeri 9

Isahluko 9

1. UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi:

2. “Futhi abantwana bakwa-Israyeli bayakugcina iphasika ngesikhathi salo esinqunyiweyo.

3. Ngosuku lweshumi nane lwaleyo nyanga ngakusihlwa niyakuligcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.”

4. UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi bolenza iphasika.

5. Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.

6. Kwakukhona amadoda athile ayengcolisiwe yisidumbu somuntu, engenakulenza iphasika ngalolo suku; eza phambi kukaMose naphambi kuka-Aroni ngalowo muhla.

7. Lawo madoda athi kuye: “Singcolisiwe yisidumbu somuntu; sivinjelelwani ukunikela ngomnikelo kaJehova ngesikhathi sawo esinqunyiweyo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli na?”

8. UMose wathi kuwo: “Yimani ukuba ngizwe ukuthi uJehova uyakuyalani ngani.”

9. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

10. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova;

11. ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo;

12. abayikushiya lutho kuze kube sekuseni, bangaphuli thambo lalo; ngokwezimiso zonke zephasika bayakulenza.

13. Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.

14. “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’ ”

15. Ngosuku itabernakele elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.

16. Kwakunjalo ngesikhathi sonke: ifu lalisibekela, kwabonakala umlilo ebusuku.

17. Nalapho ifu lenyuswa etendeni, base behamba abantwana bakwa-Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona.

18. Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.

19. Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi, abantwana bakwa-Israyeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga.

20. Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu, nangesiyalezo sikaJehova bahamba.

21. Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni; nalapho ifu lenyuswa ekuseni, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini, bahamba lapho ifu lenyuswa.

22. Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu, abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.

23. Ngesiyalezo sikaJehova bamisa, nangesiyalezo sikaJehova bahamba; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

About Numeri Chapter 9

Read Numeri Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Numeri
Chapter: 9
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Numeri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Numeri Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Numeri Chapter 9?

Numeri Chapter 9 is part of the Book of Numeri in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Numeri Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 26

Explore More from Numeri

  1. Numeri Chapter 3
  2. Numeri Chapter 22
  3. Numeri Chapter 2
  4. Numeri Chapter 19
  5. Numeri Chapter 17
  6. Numeri Chapter 7
  7. Numeri Chapter 18

Related Chapters & Readings

  1. 2 Samuweli Chapter 14
  2. Isaya Chapter 19
  3. IzAga Chapter 5
  4. IsiHlabelelo SeziHlabelelo Chapter 4
  5. IsAmbulo Chapter 13
  6. AmaHubo Chapter 3
  7. Johane Chapter 18
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *