Read Johane Chapter 9 Online
Read Johane Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Johane in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Johane and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Johane 9
Isahluko 9
1. Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe.
2. Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?”
3. UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.
4. Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu.
5. Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.”
6. Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka.
7. Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.
8. Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?”
9. Abanye bathi: “Nguyena,” abanye bathi: “Qha, kepha ufana naye;” yena wathi: “Nginguye.”
10. Base bethi kuye: “Pho, amehlo akho avulwe kanjani na?”
11. Waphendula yena, wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenza udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Yana eSilowama, ugeze.’ Ngaya, ngageza, ngabona.”
12. Bathi kuye: “Uphi yena na?” Wathi: “Angazi.”
13. Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe.
14. Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe.
15. Khona nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.”
16. Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.
17. Khona baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho, na?” Yathi: “Ungumprofethi.”
18. Kepha abaJuda abakholwanga ngaye ukuthi wabeyimpumputhe nokuthi usethole ukubona, baze babiza abazali bakhe lowo osethole ukubona.
19. Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?”
20. Abazali bakhe base bephendula bethi: “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe;
21. kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.”
22. Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.
23. Ngakho-ke abazali bakhe bathi: “Usekhulile, mbuzeni yena.”
24. Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.”
25. Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.”
26. Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?”
27. Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?”
28. Bamthuka bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose.
29. Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.”
30. Waphendula lowo muntu, wathi kubo: “Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami.
31. Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo.
32. Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe.
33. Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza lutho.”
34. Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.
35. UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele phandle; kwathi emfumana, wathi: “Uyakholwa yiNdodana kaNkulunkulu na?”
36. Waphendula yena, wathi: “Ingubani, Nkosi, ngize ngikholwe yiyo, na?”
37. UJesu wathi kuye: “Usuyibonile; okhuluma nawe yiyona.”
38. Wayesethi: “Ngiyakholwa, Nkosi.” Wakhuleka kuye.
39. Wathi uJesu: “Mina ngizele ukwahlulela kuleli zwe ukuba abangaboniyo babone, nababonayo babe yizimpumputhe.”
40. Labo kubaFarisi ababenaye bezwa lokho, bathi kuye: “Pho, nathi siyizimpumputhe na?”
41. Wathi kubo uJesu: “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sihlezi.
About Johane Chapter 9
Read Johane Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Johane in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Johane
Chapter: 9
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Johane. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Johane Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Johane Chapter 9?
Johane Chapter 9 is part of the Book of Johane in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Johane Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- Mathewu Chapter 1
- Mathewu Chapter 17
- Mathewu Chapter 3
- Mathewu Chapter 8
- Mathewu Chapter 16
- Mathewu Chapter 4
- AmaRoma Chapter 15
Explore More from johane
- Johane Chapter 19
- Johane Chapter 8
- Johane Chapter 16
- Johane Chapter 3
- Johane Chapter 1
- Johane Chapter 15
- Johane Chapter 14