Read 2 IziKronike Chapter 24 Online
Read 2 IziKronike Chapter 24 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 IziKronike in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 IziKronike and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
2 IziKronike 24
Isahluko 24
1. UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.
2. UJowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada umpristi.
3. UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.
4. Kwathi emva kwalokho kwakusenhliziyweni kaJowashi ukuvusa indlu kaJehova.
5. Wabutha abapristi namaLevi, wathi kubo: “Phumani niye emizini yakwaJuda, niqoqe ku-Israyeli wonke imali yokulungisa indlu kaNkulunkulu wenu iminyaka ngeminyaka, niyisheshise le ndaba.” Kepha amaLevi awasheshanga.
6. Inkosi yayisibiza uJehoyada inhloko, yathi kuye: “Awubizanga ngani kumaLevi ukuba alethe kwaJuda naseJerusalema intela kaMose inceku kaJehova neyebandla lika-Israyeli, ibe ngeyetende lobufakazi na?”
7. Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi, ayeyichithile indlu kaNkulunkulu, nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali.
8. Yayisikhuluma inkosi, benza umphongolo, bawubeka ngaphandle ngasesangweni lendlu kaJehova.
9. Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuJehova intela uMose inceku kaNkulunkulu ayibeke phezu kuka-Israyeli ehlane.
10. Zonke izikhulu nabo bonke abantu bathokoza, bayiletha, bayiphonsa emphongolweni, baze baqeda.
11. Kwathi ngesikhathi umphongolo owayiswa ngaso ezinduneni zenkosi ngesandla samaLevi, nalapho zibona ukuthi imali iningi, umbhali wenkosi nenduna yompristi omkhulu beza, bawuthulula umphongolo, bawuthatha, bawubuyisela endaweni yawo. Benze njalo imihla ngemihla, baqoqa imali eningi.
12. Inkosi noJehoyada bayinika abenza umsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu, baqasha abakhi nababazi ukuvusa indlu kaJehova, nabasebenza ngensimbi nethusi ukuba baqinise indlu kaJehova.
13. Zase zisebenza-ke izisebenzi, zalungisa zaqeda ngezandla zazo, zayimisa indlu kaNkulunkulu ngezilinganiso zayo, zayiqinisa.
14. Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada, benza ngayo izitsha zendlu kaJehova, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada.
15. Kodwa uJehoyada waguga, wafa esanelisiwe yizinsuku; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe.
16. Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe.
17. Emva kokufa kukaJehoyada kwafika izikhulu zakwaJuda, zakhuleka enkosini; khona inkosi yazilalela.
18. Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza o-Ashera nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo.
19. Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova; babaxwayisa, kepha kababekanga ndlebe.
20. UMoya kaNkulunkulu wembesa uZakariya indodana kaJehoyada umpristi; wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu, uthi: ‘Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uJehova, naye unishiyile nina.’ ”
21. Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.
22. UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”
23. Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase-Aramu yakhuphukela kuye, yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku.
24. Ngokuba impi yase-Aramu yafika neviyo elincane labantu, nokho uJehova wanikela impi enkulu kakhulu esandleni sabo, ngokuba babemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise. Base bemahlulela uJowashi.
25. Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi.
26. Nampa ababemenzela ugobe: nguZabadi indodana kaShimeyati umAmonikazi noJehozabadi indodana kaShimriti umMowabikazi.
27. Ngamadodana akhe, nangobukhulu bemithwalo phezu kwakhe, nangokuvuswa kwendlu kaNkulunkulu, bheka, kulotshiwe esichasiselweni sencwadi yamakhosi. U-Amasiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
About 2 IziKronike Chapter 24
Read 2 IziKronike Chapter 24 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 IziKronike in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 2 IziKronike
Chapter: 24
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 IziKronike. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 2 IziKronike Chapter 24 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 2 IziKronike Chapter 24?
2 IziKronike Chapter 24 is part of the Book of 2 IziKronike in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 2 IziKronike Chapter 24 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 2 Izikronike
- 2 IziKronike Chapter 7
- 2 IziKronike Chapter 5
- 2 IziKronike Chapter 32
- 2 IziKronike Chapter 20
- 2 IziKronike Chapter 34
- 2 IziKronike Chapter 19
- 2 IziKronike Chapter 13
Explore More from ITestamente Elidala
- Genesise Chapter 4
- Duteronomi Chapter 5
- AmaHubo Chapter 37
- Jobe Chapter 8
- Genesise Chapter 31
- Eksodusi Chapter 2
- Hoseya Chapter 5