IsAmbulo Chapter 18

For English

Read IsAmbulo Chapter 18 Online

Read IsAmbulo Chapter 18 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IsAmbulo and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

IsAmbulo 18

Isahluko 18

1. Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo.

2. Yamemeza ngezwi elinamdla, yathi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, selibe yindawo yokuhlala amademoni, nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zonke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo,

3. ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.”

4. Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo,

5. ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.

6. Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso;

7. ngokungangalokho elizidumise latamasa ngakho, linikeni ukuhlupheka nokulila okungako. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihlezi ngiyinkosikazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngabona ukulila.’

8. Ngakho kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.

9. “Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo,

10. emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!’

11. “Nabathengisi bomhlaba bayalikhalela, balililele, ngokuba impahla yabo ayisathengwa muntu,

12. impahla yegolide neyesiliva, namatshe anenani, namaparele, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, kanye nemithi yonke enamakha, nezitsha zonke zamazinyo endlovu, nezitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, nezethusi, nezensimbi, nezetshe elimhlophe,

13. nokinamona, nokunephunga elimnandi, nempepho, namafutha okuqhola, nenhlaka, newayini, namafutha eminqumo, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezigqila, nemiphefumulo yabantu.

14. “Nezithelo ezazifiswa ngumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke okunonileyo nokucwebezelayo konakele kuwe, akusoze kwabuye kufunyanwe.

15. Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila,

16. bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uvunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele!

17. Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.’ “Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumbi, namatilosi, nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude,

18. badazuluka bebona umusi wokusha kwalo, bethi: ‘Ngumuphi umuzi ofana nalowomuzi omkhulu na?’

19. Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile!

20. Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”

21. Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.

22. Izwi lababetha ihabhu nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe, namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe, nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe,

23. nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho, nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho, ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho,

24. futhi kwafunyaniswa kuwe igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.”

About IsAmbulo Chapter 18

Read IsAmbulo Chapter 18 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IsAmbulo in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: IsAmbulo
Chapter: 18
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IsAmbulo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading IsAmbulo Chapter 18 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is IsAmbulo Chapter 18?

IsAmbulo Chapter 18 is part of the Book of IsAmbulo in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete IsAmbulo Chapter 18 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from isambulo

  1. IsAmbulo Chapter 2
  2. IsAmbulo Chapter 3
  3. IsAmbulo Chapter 16
  4. IsAmbulo Chapter 7
  5. IsAmbulo Chapter 10
  6. IsAmbulo Chapter 1
  7. IsAmbulo Chapter 14

Explore More from ITestamente Elisha

  1. 2 Korinte Chapter 3
  2. Mathewu Chapter 4
  3. Marku Chapter 4
  4. Marku Chapter 7
  5. Luka Chapter 24
  6. IzEnzo Chapter 4
  7. Marku Chapter 13

Related Chapters & Readings

  1. AbAhluleli Chapter 19
  2. 1 IziKronike Chapter 15
  3. 2 Samuweli Chapter 24
  4. Isaya Chapter 18
  5. KumaHeberu Chapter 1
  6. Galathiya Chapter 1
  7. KuThithu Chapter 2
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *