Read Esteri Chapter 4 Online
Read Esteri Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Esteri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Esteri and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Esteri 4
Isahluko 4
1. UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo, uMoridekayi waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;
2. waya naphambi kwesango lenkosi, ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yamasaka.
3. Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi, nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha.
4. Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.
5. U-Esteri wayesebiza uHathaki wezinduna zenkosi eyayimmisile ukuba amkhonze, wamyala ukuba aye kuMoridekayi, ukuze akwazi ukuthi kuyini nokuthi kungani na?
6. UHathaki wayesehamba, waya kuMoridekayi esigcawini somuzi esasiphambi kwesango lenkosi.
7. UMoridekayi wamtshela konke okumehleleyo nenani lemali uHamani ayethembisile ukulikhokhela esikhwameni senkosi ngabaJuda ukuba babhujiswe.
8. Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe, ukuze amtshengise yona u-Esteri, amtshele ngayo, amyale ukuba angene enkosini ukunxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo.
9. Wafika uHathaki, wamtshela u-Esteri amazwi kaMoridekayi.
10. Wayesethi u-Esteri kuHathaki, wayala ukuba kuthiwe kuMoridekayi:
11. Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.
12. Bamtshela uMoridekayi amazwi ka-Esteri.
13. Wayesesho uMoridekayi ukuba babuyisele impendulo ku-Esteri ngokuthi: “Ungacabangi enhliziyweni yakho ukuthi wena uyakusinda endlini yenkosi kunabaJuda bonke.
14. Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo, wena nendlu kayihlo nibhubhe. Ngubani okwaziyo, uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?”
15. U-Esteri wayesesho ukuba kubuyiselwe impendulo kuMoridekayi yokuthi:
16. “Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”
17. Wayesehamba uMoridekayi, wenza njengakho konke u-Esteri amyale ngakho.
About Esteri Chapter 4
Read Esteri Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Esteri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Esteri
Chapter: 4
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Esteri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
- 📱 Hindi Android Bible App
- 📱 Hindi Christian Songs from waytochurch
- 📖 Read on Malayalam Christian Songs – madely
Continue Reading the Bible
Continue reading Esteri Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Esteri Chapter 4?
Esteri Chapter 4 is part of the Book of Esteri in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Esteri Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from esteri
- Esteri Chapter 2
- Esteri Chapter 10
- Esteri Chapter 1
- Esteri Chapter 6
- Esteri Chapter 3
- Esteri Chapter 8
- Esteri Chapter 9
Explore More from ITestamente Elidala
- Genesise Chapter 34
- 2 Samuweli Chapter 8
- Esteri Chapter 2
- Hezekeli Chapter 48
- Isaya Chapter 48
- 1 AmaKhosi Chapter 17
- Duteronomi Chapter 28