Read Esteri Chapter 8 Online
Read Esteri Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Esteri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Esteri and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Esteri 8
Isahluko 8
1. Ngalolo suku inkosi u-Ahashiveroshi yanika u-Esteri, inkosikazi, indlu kaHamani isitha sabaJuda. UMoridekayi weza phambi kwenkosi, ngokuba u-Esteri wayeselandile ukuthi uyini naye.
2. Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyisusile kuHamani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wambeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani.
3. U-Esteri waqhubeka wakhuluma phambi kwenkosi, wawa ngasezinyaweni zayo, wakhala, wayinxusa ukuba ibususe ububi bukaHamani umAgagi necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda.
4. Inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide. Wayesesukuma u-Esteri, wema phambi kwenkosi.
5. Wathi: “Uma kukuhle enkosini, noma ngifumene umusa phambi kwayo, noma le nto ilungile phambi kwenkosi, uma ngithandeka emehlweni ayo, makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;
6. ngokuba ngingakubuka kanjani okubi okuyakufica isizwe sakithi, noma ngingakubuka kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”
7. Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: “Bhekani, nginike u-Esteri indlu kaHamani; yena bamphanyekile emthini, ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.
8. Kepha lobani nani ngabaJuda njengokuhle emehlweni enu egameni lenkosi, nikunamathelise ngendandatho yenkosi, ngokuba umbhalo obhalwe egameni lenkosi wanamatheliswa ngendandatho yenkosi awunakubuyiswa muntu.”
9. Abalobi benkosi babizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu, eyinyanga kaSivani, ngolwamashumi amabili nantathu lwayo; kwalotshwa njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho abaJuda, nawothulasizwe, nababusi, nezikhulu zezifunda, kusukela e-Indiya kuze kufike eKushe, izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa, izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo, nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo, nabaJuda njengokubhala kwabo nanjengolimi lwabo.
10. Waloba egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, wakunamathelisa ngendandatho yenkosi, wazithuma izincwadi ngesandla sezigijimi zamahhashi, zigibela amahhashi anejubane, amahhashi enkosi akhethekileyo,
11. inkosi eyavumela ngakho abaJuda ababesemizini ngemizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo, bachithe, babulale, babhubhise onke amabutho abantu nawesifunda abahlaselayo, izingane nabesifazane, impahla yabo ibe yimpango,
12. ngosuku oluthile ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.
13. Impinda yokulotshiweyo yanikwa ukuba ibe yisimemezelo ezifundeni zonke, kumenyezelwe kubantu bonke ukuba abaJuda bazilungiselele lolo suku, baziphindisele ezitheni zabo.
14. Zase ziphuma izigijimi zigibele amahhashi anejubane, amahhashi enkosi, zisheshiswa ziqhutshwa yizwi lenkosi; umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi.
15. Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe, enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.
16. AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo.
17. Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, abaJuda babe nokuthokoza nokujabula, nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.
About Esteri Chapter 8
Read Esteri Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Esteri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Esteri
Chapter: 8
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Esteri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Esteri Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Esteri Chapter 8?
Esteri Chapter 8 is part of the Book of Esteri in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Esteri Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from esteri
- Esteri Chapter 2
- Esteri Chapter 10
- Esteri Chapter 1
- Esteri Chapter 6
- Esteri Chapter 3
- Esteri Chapter 9
- Esteri Chapter 5
Explore More from ITestamente Elidala
- Levitikusi Chapter 12
- Daniyeli Chapter 5
- Jobe Chapter 1
- 1 AmaKhosi Chapter 15
- 1 Samuweli Chapter 6
- 1 Samuweli Chapter 3
- Duteronomi Chapter 33