Read Levitikusi Chapter 19 Online
Read Levitikusi Chapter 19 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Levitikusi and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Levitikusi 19
Isahluko 19
1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyakuba ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.
3. “ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
4. “ ‘Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
5. “ ‘Nxa ninikela kuJehova ngomhlatshelo weminikelo yokuthula, anonikela ngawo ukuba namukeleke.
6. Uyakudliwa ngosuku lokunikela kwenu nangakusasa; uma kusele okuthile kuze kube lusuku lwesithathu, kuyakushiswa ngomlilo.
7. Uma kudliwa nokuncane ngosuku lwesithathu, kuyisinengiso; awuyikwamukeleka;
8. yilowo nalowo owudlayo uyakuthwala ububi bakhe, ngokuba udumazile okungcwele kukaNkulunkulu; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
9. “ ‘Nxa nivuna isivuno sezwe lakini, awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho.
10. Awuyikukhothoza isivini sakho, ungabuthi izithelo zesivini ezivuthulukileyo; wozishiyela abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
11. “ ‘Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.
12. “ ‘Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.
13. “ ‘Ungamcindezeli umakhelwane wakho, ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.
14. “ ‘Ungaqalekisi isithulu, ungabeki isikhubekiso phambi kwempumputhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
15. “ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.
16. “ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.
17. “ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.
18. “ ‘Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.
19. “ ‘Niyakugcina izimiso zami; ungavumeli izilwane zakho zizekwe ngolunye uhlobo; ungahlwanyeli ensimini yakho izinhlobo ezimbili zembewu; kungezi phezu kwakho ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana.
20. “ ‘Olala nowesifazane oyisigqilakazi eyingoduso, engahlengiwe, engakhululiwe ngesihle, makabe nesijeziso, angabulawa nokho, ngokuba wayengakhululekile.
21. Uyakuletha umnikelo wakhe wecala kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, inqama ibe ngumnikelo wecala.
22. Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaJehova ngesono sakhe one ngaso, athethelelwe isono sakhe one ngaso.
23. “ ‘Nanxa senifikile ezweni, nitshale imithi eyizinhlobonhlobo edliwayo, anothi izithelo zayo zingukungasoki kwayo; iminyaka emithathu iyakuba njengengasokiwe kini: mazingadliwa.
24. Kepha ngomnyaka wesine zonke izithelo zayo ziyakuba ngcwele, ezokumdumisa uJehova.
25. Ngomnyaka wesihlanu niyakudla kuzo izithelo zayo, ukuze inithelele kakhulu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
26. “ ‘Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.
27. “ ‘Aniyikudilinga amakhanda enu emaceleni; ungoni isilevu sakho emaceleni.
28. “ ‘Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilobi amabala; nginguJehova.
29. “ ‘Awuyikuhlambalaza indodakazi yakho ukuyenza isifebe, funa izwe lehlelwe ngubufebe, izwe ligcwale ukonakala.
30. “ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova.
31. “ ‘Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
32. “ ‘Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
33. “ ‘Uma umfokazi egogobele kuwe ezweni lakini, aniyikumhlupha.
34. Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
35. “ ‘Aniyikwenza ukungalungi ekwahluleleni, ekulinganiseni ubude noma isisindo noma ubuningi.
36. Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, nezisindo ezilungileyo, ne-efa elilungileyo, nehini elilungileyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.
37. “ ‘Anogcina zonke izimiso zami nazo zonke izahlulelo zami, nizenze; nginguJehova.’ ”
About Levitikusi Chapter 19
Read Levitikusi Chapter 19 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Levitikusi
Chapter: 19
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Levitikusi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Levitikusi Chapter 19 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Levitikusi Chapter 19?
Levitikusi Chapter 19 is part of the Book of Levitikusi in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Levitikusi Chapter 19 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 1
- Ruthe Chapter 4
Explore More from levitikusi
- Levitikusi Chapter 17
- Levitikusi Chapter 11
- Levitikusi Chapter 24
- Levitikusi Chapter 27
- Levitikusi Chapter 21
- Levitikusi Chapter 18
- Levitikusi Chapter 26