Read 1 Thimothewu Chapter 5 Online
Read 1 Thimothewu Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Thimothewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Thimothewu and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 Thimothewu 5
Isahluko 5
1. Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu,
2. abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.
3. Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo.
4. Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.
5. Lowo ongumfelokazi ngoqobo osele eyedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini,
6. kepha lowo ozinikela ekutamaseni ufile esekhona.
7. Yala ngalezo zinto, ukuze bangabi nokusoleka.
8. Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.
9. Makangafakwa esibalweni umfelokazi, uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe ngumfazi wendoda inye,
10. ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.
11. Kepha abafelokazi abasha ubenqabe; ngokuba uma sebetamasile bedela uKristu, bafuna ukugana;
12. banokulahlwa, ngokuba bechithile ukukholwa kwabo kokuqala.
13. Futhi-ke bafunda nokuvilapha, bezula izindlu ngezindlu, bengavilaphi kuphela, kepha behleba, bezigaxa ngokungekwabo, bekhuluma okungafanele.
14. Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.
15. Ngokuba nakalokhu abanye sebechezukele kuSathane.
16. Uma owesifazane okholwayo enabafelokazi, makabasize, ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo.
17. Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.
18. Ngokuba umbhalo uthi: “Ungayifaki isifonyo inkabi ebhulayo,” futhi: “Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso.”
19. Icala eliqondene nelunga ungalemukeli, kungekho ofakazi ababili noma abathathu.
20. Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.
21. Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiweyo ukuba ulonde lezo zinto ngokungazinqumeli, ungenzi lutho ngokukhetha.
22. Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.
23. Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.
24. Izono zabanye abantu zisobala, zibandulela ekwahlulelweni; kepha abanye ziyabalandela. 5:24 Gal. 5:19.
25. Ngokunjalo nemisebenzi emihle isobala; naleyo engenjalo ingesitheke.
About 1 Thimothewu Chapter 5
Read 1 Thimothewu Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Thimothewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 Thimothewu
Chapter: 5
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Thimothewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 Thimothewu Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 Thimothewu Chapter 5?
1 Thimothewu Chapter 5 is part of the Book of 1 Thimothewu in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 Thimothewu Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1-thimothewu
- 1 Thimothewu Chapter 1
- 1 Thimothewu Chapter 4
- 1 Thimothewu Chapter 6
- 1 Thimothewu Chapter 3
- 1 Thimothewu Chapter 2
Explore More from ITestamente Elisha
- 1 Johane Chapter 4
- IsAmbulo Chapter 20
- 1 Petru Chapter 2
- KumaHeberu Chapter 5
- KuThithu Chapter 3
- IsAmbulo Chapter 12
- Johane Chapter 4