Zakariya Chapter 7

For English

Read Zakariya Chapter 7 Online

Read Zakariya Chapter 7 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Zakariya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Zakariya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Zakariya 7

Isahluko 7

1. Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya ngolwesine lwenyanga eyisishiyagalolunye, ekaKhisilevi.

2. IBethele lalithume oSareseri noRegemi Meleki namadoda abo ukunxusa kuJehova

3. nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: “Ngikhale ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?”

4. Lase lifika izwi likaJehova Sebawoti kimi, lathi:

5. “Khuluma kubo bonke abantu bezwe nakubo abapristi, uthi: ‘Ekuzileni kwenu nasekulileni ngenyanga yesihlanu nangeyesikhombisa le minyaka engamashumi ayisikhombisa nangizilela nokungizilela mina na?

6. Lapho nidlayo nalapho niphuzayo, anizidleli, niziphuzela nina, na?

7. Akusiwo lawa mazwi uJehova awamemezayo ngesandla sabaprofethi bokuqala, lapho iJerusalema lalakhiwe lisabusa, nalapho imizi yalo nxazonke zalo nelaseningizimu nehlanze kwakwakhiwe, na?’ ”

8. Izwi likaJehova lafika kuZakariya, lathi:

9. “Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo,

10. ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’

11. “Kepha bala ukulalela, baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa.

12. Benza izinhliziyo zabo zaba yidayimani, funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.

13. “ ‘Kwathi njengalokho wamemeza, bona bengezwanga, kanjalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘bayakumemeza bona, ngingezwa mina.

14. Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga. Izwe selichithekile emva kwabo, ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo, ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.’ ”

About Zakariya Chapter 7

Read Zakariya Chapter 7 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Zakariya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Zakariya
Chapter: 7
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Zakariya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Zakariya Chapter 7 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Zakariya Chapter 7?

Zakariya Chapter 7 is part of the Book of Zakariya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Zakariya Chapter 7 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 49
  2. AmaHubo Chapter 20
  3. AmaHubo Chapter 10
  4. AmaHubo Chapter 1
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 26
  7. AmaHubo Chapter 6

Explore More from zakariya

  1. Zakariya Chapter 6
  2. Zakariya Chapter 14
  3. Zakariya Chapter 10
  4. Zakariya Chapter 13
  5. Zakariya Chapter 1
  6. Zakariya Chapter 5
  7. Zakariya Chapter 8

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 73
  2. Luka Chapter 18
  3. Isaya Chapter 21
  4. Nehemiya Chapter 1
  5. Isaya Chapter 35
  6. 2 Korinte Chapter 10
  7. 1 Samuweli Chapter 28
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *