Amose Chapter 9

For English

Read Amose Chapter 9 Online

Read Amose Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Amose in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Amose and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Amose 9

Isahluko 9

1. Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze imigulugulu izamazame, uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.

2. Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.

3. Noma becasha esiqongweni saseKarmeli, ngiyakubafunisisa, ngibakhiphe khona; nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle, ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.

4. Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”

5. INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;

6. yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini, isekele igobela lawo emhlabeni; yiyona ewabizayo amanzi olwandle, iwathululele ebusweni bomhlaba; nguJehova igama layo.

7. “Aninjengabantwana bakwaKushe kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova. “Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe, namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”

8. “Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba, ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.

9. “Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonke abezizwe, njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo, kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.

10. Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba, zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”

11. “Ngalolo suku ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakumisa izihlephu zalo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,

12. ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,” usho uJehova okwenza lokhu.

13. “Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.

14. Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.

15. Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona,” usho uJehova uNkulunkulu wakho.

About Amose Chapter 9

Read Amose Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Amose in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Amose
Chapter: 9
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Amose. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Amose Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Amose Chapter 9?

Amose Chapter 9 is part of the Book of Amose in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Amose Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from amose

  1. Amose Chapter 1
  2. Amose Chapter 5
  3. Amose Chapter 2
  4. Amose Chapter 8
  5. Amose Chapter 3
  6. Amose Chapter 4
  7. Amose Chapter 7

Explore More from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 93
  2. Isaya Chapter 7
  3. 2 Samuweli Chapter 19
  4. Isaya Chapter 18
  5. IsiHlabelelo SeziHlabelelo Chapter 1
  6. Isaya Chapter 32
  7. Hezekeli Chapter 9

Related Chapters & Readings

  1. 1 Johane Chapter 3
  2. Hezekeli Chapter 12
  3. Esteri Chapter 8
  4. AmaHubo Chapter 8
  5. Mathewu Chapter 1
  6. 2 Samuweli Chapter 14
  7. Jeremiya Chapter 44
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *