Duteronomi Chapter 13

For English

Read Duteronomi Chapter 13 Online

Read Duteronomi Chapter 13 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Duteronomi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Duteronomi and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Duteronomi 13

Isahluko 13

1. “Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso,

2. isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe besesenzeka, athi: ‘Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze,’

3. awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?

4. Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

5. Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.

6. “Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo,

7. onkulunkulu babantu abakuzungezayo, beseduze nawe noma bekude nawe, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba,

8. awuyikumvumela, ungamlaleli; iso lakho aliyikumhawukela, ungamyeki, ungamfihli,

9. kepha wombulala impela; isandla sakho siyakuba phezu kwakhe kuqala ukumbulala, ngasemuva isandla sabantu bonke.

10. Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe, ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

11. U-Israyeli wonke uyakuzwa, esabe, angabe esabenza ububi obunjalo njengalobo obuphakathi kwakho.

12. “Uma uyakuzwa ngomunye wemizi yakho uJehova uNkulunkulu wakho akupha wona ukuba wakhe kuwo, kuthiwa:

13. Abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwakho, bahlubukisile abomuzi wabo ngokuthi: ‘Masiye sikhonze abanye onkulunkulu eningabaziyo,’

14. wobuza, uphenye, ubuzisise; bheka, uma kuyiqiniso, leyo nto iqinisekile ukuthi isinengiso esinjalo senziwe phakathi kwakho,

15. woshaya nokushaya abantu balowo muzi ngosiko lwenkemba, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nezinkomo zawo, ngosiko lwenkemba.

16. Uyakuyibuthela yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo, uwushise umuzi ngomlilo, nayo yonke impango yawo, ibe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova uNkulunkulu wakho, ube yinxiwa njalo, ungabe usakhiwa futhi.

17. Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,

18. nxa ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

About Duteronomi Chapter 13

Read Duteronomi Chapter 13 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Duteronomi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Duteronomi
Chapter: 13
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Duteronomi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Duteronomi Chapter 13 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Duteronomi Chapter 13?

Duteronomi Chapter 13 is part of the Book of Duteronomi in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Duteronomi Chapter 13 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Duteronomi

  1. Duteronomi Chapter 11
  2. Duteronomi Chapter 34
  3. Duteronomi Chapter 24
  4. Duteronomi Chapter 17
  5. Duteronomi Chapter 27
  6. Duteronomi Chapter 3
  7. Duteronomi Chapter 2

Explore More from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 33
  2. AmaHubo Chapter 42
  3. AmaHubo Chapter 136
  4. Nehemiya Chapter 9
  5. 2 Samuweli Chapter 12
  6. AmaHubo Chapter 67
  7. Hezekeli Chapter 30

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 22
  2. 2 Samuweli Chapter 7
  3. Levitikusi Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 43
  5. Luka Chapter 3
  6. AmaHubo Chapter 97
  7. Habakuki Chapter 2
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *