Levitikusi Chapter 9

For English

Read Levitikusi Chapter 9 Online

Read Levitikusi Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Levitikusi and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Levitikusi 9

Isahluko 9

1. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili uMose wabiza u-Aroni namadodana akhe namalunga akwa-Israyeli,

2. wathi ku-Aroni: “Mawuzithathele ithole lenkunzi, libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa, okungenasici, unikele ngakho phambi kukaJehova.

3. Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo, ibe ngumnikelo wesono, nethole newundlu, omabili abe nomnyaka munye, angenasici, abe ngumnikelo wokushiswa,

4. nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.’ ”

5. Baletha-ke lokho uMose akuyalayo phambi kwetende lokuhlangana, nenhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.

6. Wayesethi uMose: “Nansi into uJehova ayala ngayo ukuba niyenze, kuze kubonakale kini inkazimulo kaJehova.”

7. UMose wathi ku-Aroni: “Sondela e-altare, unikele ngomnikelo wakho wesono nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana, andukuba unikele ngomnikelo wabantu, ubenzele ukubuyisana, njengalokho uJehova eyalile.”

8. U-Aroni wayesesondela e-altare, walihlaba ithole lomnikelo wesono ongowakhe.

9. Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye; wagcobhoza umunwe egazini, walibheca ezimpondweni ze-altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se-altare;

10. kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa e-altare, njengalokho uJehova emyalile uMose.

11. Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu.

12. Wawuhlaba umnikelo wokushiswa; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi, wafafaza ngalo i-altare nxazonke.

13. Anikeza kuye umnikelo wokushiswa izitho ngezitho kanye nenhloko, wakushisa e-altare.

14. Wahlanza izibilini namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-altare.

15. Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.

16. Waletha umnikelo wokushiswa, wanikela ngawo njengokwesimiso.

17. Wayeseletha umnikelo wempuphu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-altare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.

18. Wahlaba inkunzi nenqama, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula ongowabantu; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi owafafaza ngalo i-altare nxazonke,

19. namanoni enkunzi nawenqama, nomsila ononileyo, nalawo asibekela izibilini, nezinso, namanoni esibindi,

20. abeka amanoni phezu kwezifuba; wawashisa amanoni e-altare;

21. izifuba nomlenze wokunene wakuzulisa, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, njengalokho uMose eyalile.

22. U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu, wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.

23. OMose no-Aroni bangena etendeni lokuhlangana, babuye baphuma, bababusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.

24. Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.

About Levitikusi Chapter 9

Read Levitikusi Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Levitikusi
Chapter: 9
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Levitikusi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Levitikusi Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Levitikusi Chapter 9?

Levitikusi Chapter 9 is part of the Book of Levitikusi in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Levitikusi Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 2
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 4

Explore More from levitikusi

  1. Levitikusi Chapter 16
  2. Levitikusi Chapter 13
  3. Levitikusi Chapter 22
  4. Levitikusi Chapter 2
  5. Levitikusi Chapter 10
  6. Levitikusi Chapter 12
  7. Levitikusi Chapter 6

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 68
  2. Numeri Chapter 22
  3. Duteronomi Chapter 20
  4. Duteronomi Chapter 33
  5. AmaHubo Chapter 104
  6. Genesise Chapter 31
  7. KuThithu Chapter 3
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *