2 Thimothewu Chapter 1

For English

Read 2 Thimothewu Chapter 1 Online

Read 2 Thimothewu Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Thimothewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Thimothewu and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 Thimothewu 1

Isahluko 1

1. UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,

2. kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa, nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.

3. Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini,

4. ngilangazelela ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo,

5. ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.

6. Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.

7. Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

8. Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu

9. owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,

10. kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa, walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli,

11. engamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, nomphostoli, nomfundisi;

12. ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.

13. Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu;

14. okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.

15. Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene.

16. INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami,

17. kepha esefikile eRoma wangifunisisa, wangifumana —

18. iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku — konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.

About 2 Thimothewu Chapter 1

Read 2 Thimothewu Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Thimothewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 Thimothewu
Chapter: 1
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Thimothewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 Thimothewu Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 Thimothewu Chapter 1?

2 Thimothewu Chapter 1 is part of the Book of 2 Thimothewu in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 Thimothewu Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2-thimothewu

  1. 2 Thimothewu Chapter 4
  2. 2 Thimothewu Chapter 3
  3. 2 Thimothewu Chapter 2

Explore More from ITestamente Elisha

  1. 2 Korinte Chapter 5
  2. 1 Johane Chapter 1
  3. Galathiya Chapter 1
  4. KumaHeberu Chapter 1
  5. Filipi Chapter 2
  6. Mathewu Chapter 22
  7. Luka Chapter 12

Related Chapters & Readings

  1. Joshuwa Chapter 17
  2. Numeri Chapter 16
  3. Eksodusi Chapter 39
  4. Hezekeli Chapter 25
  5. 2 AmaKhosi Chapter 23
  6. 1 Petru Chapter 1
  7. 2 Samuweli Chapter 15
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *