Read Isaya Chapter 5 Online
Read Isaya Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Isaya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Isaya 5
Isahluko 5
1. Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu;
2. wasimba, wakhipha amatshe aso, wasitshala ngomvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, kepha saveza izithelo zasendle.
3. “Manje nina enakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda, ake nahlulele phakathi kwami nesivini sami.
4. Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na? Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, saveza izithelo zasendle, na?
5. Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.
6. Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”
7. Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.
8. Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu, besondeza insimu nensimu, kuze kungabe kusaba khona indawo, kwakhe nina nodwa emhlabeni!
9. UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.
10. Ngokuba ama-eka ayishumi esivini ayakuthela ibhati elilodwa, nehomere lembewu liyakuthela i-efa nje.”
11. Wo kubona abavuka ekuseni, ukuze balandele uphuzo olunamandla, balibale kuze kuhlwe, bashe iwayini!
12. Ihabu nogubhu, isigubhu negenkle, newayini kukhona emadilini abo, kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.
13. Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi, nabadumileyo babo bayalamba, nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.
14. Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo, yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo; kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo, kanye nabajabulayo phakathi kwabo.
15. Abantu bayafoliswa, namadoda ayathotshiswa, namehlo abaziphakamisayo ayathotshiswa,
16. kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.
17. Amawundlu ayakuklaba njengasemadlelweni awo, nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.
18. Wo kubona abadonsa ukona ngezintambo zamanga, nezono kungathi ngamagoda ezinqola,
19. abasho ukuthi: “Makaphuthume, asheshise umsebenzi wakhe ukuba siwubone, kusondele isiluleko soNgcwele ka-Israyeli, sifike ukuba sisazi!”
20. Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube ngukukhanya, nokukhanya kube ngubumnyama, babeke nokubabayo kube ngubumtoti, nobumtoti bube ngokubabayo!
21. Wo kubona abahlakaniphile emehlweni abo nabaqondile ekuboneni kwabo!
22. Wo kubona abangamaqhawe ngokuphuza iwayini namadoda anamandla ngokuxubanisa uphuzo olunamandla,
23. abathetha ababi ngenxa yemivuzo, basuse ukulunga kwabalungileyo!
24. Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika elangabini, impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu, ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.
25. Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe; welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya; izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucumfucu phakathi ezitaladini; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
26. Uyakuphakamisela isizwe esikude ibhandela, asihlabele ikhwelo ekugcineni komhlaba; bheka, uyeza masinyane ngejubane.
27. Akakho oyakukhathala, akhubeke kuso; akakho oyakozela, alale; ibhande lezinkalo zabo aliyikuthukuluka, nomchilo wezicathulo zabo awuyikugqabuka,
28. bona abamicibisholo yabo ibukhali, nayo yonke iminsalo yabo insaliwe; izinyawo zamahhashi abo ziyakubalwa njengensengetsha, namasondo abo njengesivunguvungu.
29. Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyamakazi, bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi, yebo, bayakugwavuma, babambe impango yabo, bamuke nayo, kungekho oyophulayo.
30. Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, bheka, naso isigayegaye sobumnyama, nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.
About Isaya Chapter 5
Read Isaya Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Isaya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Isaya
Chapter: 5
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Isaya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Isaya Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Isaya Chapter 5?
Isaya Chapter 5 is part of the Book of Isaya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Isaya Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Isaya
- Isaya Chapter 27
- Isaya Chapter 13
- Isaya Chapter 26
- Isaya Chapter 34
- Isaya Chapter 28
- Isaya Chapter 16
- Isaya Chapter 7
Explore More from ITestamente Elidala
- Eksodusi Chapter 36
- UmShumayeli Chapter 11
- AmaHubo Chapter 123
- AmaHubo Chapter 38
- Hezekeli Chapter 35
- Hezekeli Chapter 17
- Nehemiya Chapter 9