Read 2 Samuweli Chapter 10 Online
Read 2 Samuweli Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Samuweli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Samuweli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
2 Samuweli 10
Isahluko 10
1. Kwathi emva kwalokho inkosi yabantwana bakwa-Amoni yafa, uHanuni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sayo.
2. UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengalokho uyise angenzela umusa.” UDavide wayesethuma ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni.
3. Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: “Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?”
4. UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waphucula inxenye yezilevu zazo, wahina izingubo zazo phakathi kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.
5. Lapho sebemtshela uDavide lokho, wathumela ukuzihlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”
6. Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.
7. UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe.
8. Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesikhaleni sesango; ama-Aramu aseSoba naseRehobe, nabantu baseThobi, nabaseMahakha babebodwa endle.
9. Kepha uJowabe esebona ukuthi izimpondo zempi zimhaqile ngaphambili nangasemuva wakhetha kwabakhethekileyo bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu;
10. abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, wabahlela ukuba balwe nabantwana bakwa-Amoni.
11. Wathi: “Uma ama-Aramu engahlula, uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni bekwahlula, ngiyakufika ngikusize.
12. Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.”
13. UJowabe nabantu ababe naye base besondela ukuba balwe nama-Aramu; kepha abaleka phambi kwakhe.
14. Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi, bangena emzini. UJowabe wayesebuya kubantwana bakwa-Amoni, weza eJerusalema.
15. Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, abuthana ndawonye.
16. UHadadezeri wathuma wakhipha ama-Aramu ayephesheya koMfula; afika eHelamu, uShobaki induna yempi kaHadadezeri ephambi kwawo.
17. UDavide watshelwa, wabutha wonke u-Israyeli, wawela iJordani, wafika eHelamu. Ama-Aramu azihlela ukuhlangabezana noDavide, alwa naye.
18. Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wamshaya uShobaki induna yempi yabo, wafela khona lapho.
19. Lapho onke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri ebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, enza ukuthula no-Israyeli, abakhonza. Ama-Aramu ayesesaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.
About 2 Samuweli Chapter 10
Read 2 Samuweli Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Samuweli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 2 Samuweli
Chapter: 10
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Samuweli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 2 Samuweli Chapter 10 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 2 Samuweli Chapter 10?
2 Samuweli Chapter 10 is part of the Book of 2 Samuweli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 2 Samuweli Chapter 10 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 2-samuweli
- 2 Samuweli Chapter 1
- 2 Samuweli Chapter 11
- 2 Samuweli Chapter 5
- 2 Samuweli Chapter 8
- 2 Samuweli Chapter 14
- 2 Samuweli Chapter 6
- 2 Samuweli Chapter 22
Explore More from ITestamente Elidala
- Genesise Chapter 49
- Amose Chapter 8
- Genesise Chapter 18
- IzAga Chapter 12
- Eksodusi Chapter 29
- IzAga Chapter 28
- Hezekeli Chapter 28