Numeri Chapter 26

For English

Read Numeri Chapter 26 Online

Read Numeri Chapter 26 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Numeri and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Numeri 26

Isahluko 26

1. Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:

2. “Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”

3. OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:

4. “Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”

5. URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni: kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;

6. kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.

7. Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

8. Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.

9. Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;

10. umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.

11. Kepha amadodana kaKora awafanga.

12. Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo: kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini; kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;

13. kwaZera: ngumndeni wakwaZera; kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.

14. Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.

15. Amadodana kaGadi ngemindeni yawo: kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni; kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi; kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;

16. kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini; kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;

17. kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi; kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.

18. Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.

19. Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.

20. Amadodana kaJuda ngemindeni yawo: kwaShela: ngumndeni wakwaShela; kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi; kwaZera: ngumndeni wakwaZera.

21. Amadodana kaPheresi: kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.

22. Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.

23. Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo: kwaThola: ngumndeni wakwaThola; kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;

24. kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi; kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.

25. Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.

26. Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo: kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi; kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni; kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.

27. Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.

28. Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.

29. Amadodana kaManase: kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.

30. Lawa angamadodana kaGileyadi: kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;

31. kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli; kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;

32. kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida; kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.

33. USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.

34. Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.

35. Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo: kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela; kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri; kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.

36. Lawa angamadodana kaShuthela: kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.

37. Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.

38. Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo: kwaBela: ngumndeni wakwaBela; kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli; kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;

39. kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu; kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.

40. Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani; kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida; kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.

41. Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.

42. Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo: kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.

43. Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.

44. Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo: kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna; kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi; kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.

45. Kumadodana kaBeriya: kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere; kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.

46. Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.

47. Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

48. Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo: kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli; kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;

49. kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri; kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.

50. Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.

51. Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

52. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

53. “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.

54. Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.

55. Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

56. Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”

57. Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo: kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni; kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati; kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.

58. Nansi imindeni yamaLevi: ngumndeni wakwaLibini, nomndeni wakwaHebroni, nomndeni wakwaMaheli, nomndeni wakwaMushi, nomndeni wakwaKora. UKohati wazala u-Amramu.

59. Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.

60. U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

61. ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.

62. Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

63. Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

64. Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.

65. Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.

About Numeri Chapter 26

Read Numeri Chapter 26 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Numeri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Numeri
Chapter: 26
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Numeri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Numeri Chapter 26 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Numeri Chapter 26?

Numeri Chapter 26 is part of the Book of Numeri in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Numeri Chapter 26 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 10
  3. AmaHubo Chapter 49
  4. AmaHubo Chapter 20
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 26

Explore More from Numeri

  1. Numeri Chapter 30
  2. Numeri Chapter 3
  3. Numeri Chapter 24
  4. Numeri Chapter 19
  5. Numeri Chapter 28
  6. Numeri Chapter 26
  7. Numeri Chapter 30

Related Chapters & Readings

  1. 1 Samuweli Chapter 24
  2. 1 Korinte Chapter 14
  3. Isaya Chapter 34
  4. Johane Chapter 15
  5. Jobe Chapter 32
  6. Ezra Chapter 10
  7. Eksodusi Chapter 38
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *