KumaHeberu Chapter 8

For English

Read KumaHeberu Chapter 8 Online

Read KumaHeberu Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of KumaHeberu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of KumaHeberu and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

KumaHeberu 8

Isahluko 8

1. Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,

2. isikhonzi sokungcwele nesetabernakele lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.

3. Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela.

4. Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,

5. bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”

6. kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.

7. Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili.

8. Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo: “Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli, nendlu kaJuda,

9. kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanakanga, isho iNkosi.

10. Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.

11. Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi INkosi;’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.

12. Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo angisayikuzikhumbula.”

13. Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.

About KumaHeberu Chapter 8

Read KumaHeberu Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of KumaHeberu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: KumaHeberu
Chapter: 8
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading KumaHeberu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading KumaHeberu Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is KumaHeberu Chapter 8?

KumaHeberu Chapter 8 is part of the Book of KumaHeberu in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete KumaHeberu Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. IsAmbulo Chapter 16
  2. IsAmbulo Chapter 10
  3. IsAmbulo Chapter 2
  4. IsAmbulo Chapter 3
  5. Mathewu Chapter 1
  6. IsAmbulo Chapter 7
  7. IsAmbulo Chapter 1

Explore More from kumaheberu

  1. KumaHeberu Chapter 7
  2. KumaHeberu Chapter 2
  3. KumaHeberu Chapter 13
  4. KumaHeberu Chapter 12
  5. KumaHeberu Chapter 1
  6. KumaHeberu Chapter 5
  7. KumaHeberu Chapter 6

Related Chapters & Readings

  1. UmShumayeli Chapter 5
  2. Hezekeli Chapter 44
  3. 1 Johane Chapter 1
  4. AmaHubo Chapter 13
  5. IzAga Chapter 29
  6. AmaHubo Chapter 55
  7. AmaHubo Chapter 62
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *