Read 2 AmaKhosi Chapter 5 Online
Read 2 AmaKhosi Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 AmaKhosi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 AmaKhosi and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
2 AmaKhosi 5
Isahluko 5
1. UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.
2. Ama-Aramu ayephumile ngamaviyo, abuya ezweni lakwa-Israyeli enentombazana encane; yayiyincekukazi yomkaNahamani.
3. Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaba phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.”
4. Yangena, yatshela inkosi yayo, yathi: “Intombazana yasezweni lakwa-Israyeli yasho ukuthi nokuthi.”
5. Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Yiya khona; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wasuka, wahamba namatalenta ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide, nezingubo eziyishumi zokuphendulela.
6. Waletha incwadi enkosini yakwa-Israyeli, ethi: “Manje, lapho le ncwadi ifika kuwe, bheka, ngithumile uNahamani inceku yami kuwe ukuba umphilise ochokweni lwakhe.”
7. Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.”
8. Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.”
9. Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha.
10. U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.”
11. Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko.
12. O-Abana noFariphari, imifula yaseDamaseku, abangcono kunawo onke amanzi akwa-Israyeli na? Ngingegeze kuyo yini, ngihlambuluke, na?” Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.
13. Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: “Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga na? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: ‘Geza, uhlambuluke,’ na?”
14. Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.
15. Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.”
16. Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova engimi phambi kwakhe, angiyikwamukela lutho.” Wamncengisisa ukuba asamukele, wenqaba kodwa.
17. Wayesethi uNahamani: “Uma kunjalo, inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi emibili womhlabathi, ngokuba inceku yakho ayisayikunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kuJehova kuphela.
18. Kule nto uJehova makayithethelele inceku yakho: ekungeneni kwenkosi yami endlini kaRimoni ukukhuleka khona, isencika esandleni sami, ngiguqe nami endlini kaRimoni, lapho ngiguqa endlini kaRimoni, uJehova makayithethelele inceku yakho le nto.”
19. Wathi kuye: “Hamba ngokuthula.” Wahamba, wasuka kuye ibangana.
20. Kepha uGehazi inceku ka-Elisha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo wase-Aramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.”
21. UGehazi wamlandela-ke uNahamani. UNahamani wathi ukumbona umuntu egijima emva kwakhe, wehlika enqoleni ukumhlangabeza, wathi: “Nisahlezi kahle na?”
22. Wathi: “Sisahlezi kahle. Inkosi yami ingithumile ngokuthi: ‘Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.’ ”
23. UNahamani wathi: “Vuma, wamukele amatalenta amabili.” Wamncengisisa, wabopha amatalenta amabili esiliva ezinqalathini ezimbili kanye nezingubo ezimbili zokuphendulela, wakunikela ezincekwini zakhe ezimbili; zakuthwala phambi kwakhe.
24. Esefike egqumeni wakuthatha esandleni sazo, wakubeka endlini, wavumela abantu ukuba bahambe; basuka.
25. Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: “Uvelaphi, Gehazi?” Wathi: “Inceku yakho ayiyanga ndawo.”
26. Wayesethi: “Ayiyanga yini inhliziyo yami, lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?
27. Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube phakade.” Wayesephuma yena ebusweni bakhe enochoko, emhlophe njengeqhwa.
About 2 AmaKhosi Chapter 5
Read 2 AmaKhosi Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 AmaKhosi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 2 AmaKhosi
Chapter: 5
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 AmaKhosi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 2 AmaKhosi Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 2 AmaKhosi Chapter 5?
2 AmaKhosi Chapter 5 is part of the Book of 2 AmaKhosi in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 2 AmaKhosi Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 2-amakhosi
- 2 AmaKhosi Chapter 17
- 2 AmaKhosi Chapter 12
- 2 AmaKhosi Chapter 2
- 2 AmaKhosi Chapter 1
- 2 AmaKhosi Chapter 25
- 2 AmaKhosi Chapter 13
- 2 AmaKhosi Chapter 3
Explore More from ITestamente Elidala
- IzAga Chapter 20
- AmaHubo Chapter 28
- 2 IziKronike Chapter 12
- Hezekeli Chapter 5
- Joshuwa Chapter 23
- Numeri Chapter 23
- 2 AmaKhosi Chapter 6